04 | Izindaba

Friday, 01 August 2025

Ziyikhalele "inkabi eyabulala" owayesolwa ngecala lokubulala

Wabulawa ephuma enkantolo mayelana namacala ayebhekene nawo
Image

ILANGA Lempelasonto labika ngokubulawa kukaMnu Sandile Mkhize nonogada bakhe.

Skhosiphi Mthembu

ISHAQWE ngamaphoyisa ingazelele "inkabi" esolwa ngokubulala abesilisa abathathu, ababephuma eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe mhla ka-27 kuJune, ngonyaka odlule.

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi inkabi iboshwa nje, bese kunesikhathi ifunwa ngamaphoyisa. Besekukhishwe nencwadi yesenkantolo, egunyaza ukuba iboshwe.

Ibifunwa ngamacala amathathu enzeka eMthwalume; okungelokubulala, elokubamba inkunzi nelokuzama ukubulala.
Kwabulawa uMnu Sandile Mkhize, uMnu Xoliswa Mbhele noMnu Nduduzo Duma, kwadubuleka nowesifazane owayehamba ngezinyawo.

 Kubikwa ukuthi uMkhize wabulawa ephuma enkantolo njengoba kwakunamacala amabili okubulala ayebhekene nawo, nelilodwa lokuzama ukubulala. Wayehamba noMbhele noDuma ababengabaqaphi bakhe.

Bavinjezelwa yiVW Polo, eyavulela ngenhlamvu ibhekise kubona, bashonela khona lapho. Kwathathwa izibhamu zabo.

ILANGA Lempelasonto labika ngalesi sigameko. Leli phephandaba lithole ukuthi amaphoyisa abe eselandela umkhondo wabasolwa, baboshwa.

INkantolo yeMantshi yaseScottburgh, yakhipha umyalelo wokuba inkabi iboshwe ngomhla ka-15 July.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa oneminyaka ewu-38 ubudala ngamacala awu-5, okukhona kuwona amathathu okubulala, elokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi.
Uthe kulindeke ukuba avele enkantolo maduze ngalawa macala.