17 | Ezemidlalo
Friday, 01 August 2025
KUSUKA kwesobunxele ngu-Alexis Mac Allister, nguDarwin Nunez noLuis Diaz bejabulela ukunqoba kweLiverpool isicoco seligi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weLiverpool FC yase-England, u-Arne Slot, uthi uzomkhumbula ngokuningi umdlali wakhe uLuis Diaz osanda kushiya le kilabhu, wajoyina iBayern Munich yaseGermany.
UDiaz ujoyine iLiverpool esuka kwiFC Porto yase-Portugal.
Lo mdlali waseColombia ube nesikhulu isandla ekutheni iLiverpoool inqobe isicoco seligi ngesizini eyedlule.
Ubambe elikhulu iqhaza iColombia ifika kowamanqamu weCopa America - ehlulwe kuwona yi-Argentina ngo-1-0 - ngonyaka odlule.
"Kuningi okuhle engizokukhumbula ngoDiaz, kwazise ubengumdlali obalulekile kithina. Ukuzinikela kwakhe emsebenzini wakhe kungenza ngingananazi ukuthi nalapho eya khona uzofika enze kahle kakhulu," kusho uSlot.
NGU-JAMAL Musiala weBayern Munich olimele.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UDiaz kulindeleke ukuba ayovala isikhala esivuleke kulima uJamal Musiala, obhinyike iqakala ngesikhathi ezakhe zibhekene nePSG yaseFrance kwiQuarter final yeClub World Cup ebise-United States of America (USA).
Sekuwumlando ukuthi iClub World Cup inqotshwe yiChelsea yase-England - ebinganikwa lutho - ibhudluza izimfivilithi, iPSG ngo-3-0.