13 | Izindaba

Friday, 01 August 2025

Ishaye izule: Zandile Tembe

I-Hyunday Exter iyonga ephaketheni


Imlungele nomuntu osafunda ukushayela
Image

BENGINGAKULINDELE ukuthi izokwazi ukuqombola kalula izintatshana nemigwaqo engesiyona itiyela i-Hyundai Exter.

Ukugaba ngenani eliphansi nokunethezeka kwe-Hyundai Exter, kuyenza ihambisane nesimo somno-tho kubashayeli nabathengi bezimoto baseNingizi-mu Afrika.

I-Exter yelama iHyundai Venue, umehluko nge-Exter wukuthi kayilumi ephaketheni, iphinde inethezeke, kanti iVenue inamandla enjini, kanti yakheke kahle ngendlela ebukeka ngayo.

Bengimanqika nginikwa ithuba lokushayela i-Hyundai Exter, ngenxa yokuba lula kwayo lapho uvula izicabha, nalapho uyidumisa. Ngizitshele ukuthi akukho okuyisimanga ngayo, kanti angibuzanga elangeni.

Lolu hlobo lwemoto lwakhiwe ezweni laseNdiya, kanti kuqikelelwe kakhulu ekutheni nakuba inani layo liphansi lapho uyiqhathanisa neyandulelayo, iVenue, kuningi abakwenzile ukuze kungabe sekuba sezingeni eliphansi konke okuthola kuyona.

Image

Yakheke kahle futhi iphakeme

I-Exter isohlwini lwama-SUV athe ukuqoqeka (compact SUV), kanti ihamba nezinhlaka zokuphe-pha ezincomekayo, okungama-airbag ayisithupha, okusho ukuthi wonke umuntu osemotweni, uvikelekile lapho kuba nengozi, ABS nozinzo emgwaqweni lapho kumanzi.

Iphinde yakheke ngesimanjemanje kanti, nobuchwepheshe bayo bune-touchscreen, obuhambisana nabo bonke omakhalekhukhwini besimanjemanje. Uyakwazi nokuxhuma lapho ufuna ukuvuselela i-battery yakho yocingo.

Ukuphakama kwayo kwenza ibonakale emgwaqweni nalapho kunesiminyaminya, akusiyo imoto oyibona lapho usuzopaka. Yingakho ngihlabeke umxhwele lapho ngihamba ngayo ezindaweni ezingaphandle kwetiyela neziyimiqansa, yakwazi ukuqombola ifike phezulu.

Lokhu kuyenza ingabi nje yimoto yasemadolobheni, kodwa ungayishayela kahle ezindaweni ezingapha-ndle kwedolobha. Angikubalule-ke ukuthi kayinayo injini enamandla, okusho ukuthi uma kade kunezimvula, ngeke ishayeleke kahle.

 • Okunye ngeHyundai Exter

Image

Injini yayo ingamalitha awu-1.2, ewu-4 silinda ne-steering se-manual ewu-5-speed, siyancenga sona lapho ushayela, noma silula kakhulu. Ngisibone singamlungela umshayeli osemusha nosafunda.
Idla u-5.6 wamalitha kwikhulu lamakhilomitha (100km), kanti i-clutch yayo kayingigculisanga, idinga uyiqaphele.

Inani le-Exter liqala ku-R269,900 kuya ku-R334 900, lapho unyukela kuhlobo lwe-Premium AMT, Executive nemixhantela ethe xaxa lapho ufaka 
u-15 inch wamasondo. Ezishaya zonke, i-Exter Elite, ewumshini ozishintshayo kuphela ngawo lowo R334,900. 


Uma udinga imoto yansuku zonke engeke idle ephaketheni, eyonga nakuphethiloli ibe ikunikeza okuthe xaxa ngendlela esebenza ngayo, ikakhulukazi uma uthanda izinto zesimanjemanje, ungaya koyiqalaza egalaji uyizwe, bese uzithathela isinqumo.