Izindaba | 12
Friday, 01 August 2025
Bheki Ndlovana
YINQOLA ewumahamba nendlwana yePink Drive, esondezwa emiphakathini, okuhlolelwa kuyona umdlavuza.
KWENZIWA imizamo yokuba kusheshe kubanjwe umdlavuza ebantwini osubahlasele, ukuze bakwazi ukuthola ukwelashwa ngokushesha.
Kubikwa ukuthi inkinga enkulu ngomdlavuza ebantwini abaningi, wukuthi ubanjwa usubhebhetheke waze wafinyelela esigabeni lapho kusuke kungaselula khona ukuwelapha. Lokhu kudalwa nawukuthi abaningi, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, kabalutholi kalula usizo lokuhlolelwa umdlavuza.
Njengamanje kuqhutshwa umkhankaso wokuhanjiswa kwemitholampilo engoma-hamba nendlwana ezindaweni zasemakhaya, ukuze abantu baluthole eduze usizo lokuhlolelwa umdlavuza.
Kule mitholampilo kuzotholakala odokotela abaqeqeshiwe, amanesi nabanye ochwephe-she bezempilo.
Lo mkhankaso uqhutshwa KwaZulu-Natal, e-Eastern Cape naseNorthern Cape, kanti wenziwa ngokubambisana phakathi kwenkampani yezimayini iRio Tinto, yinhlangano eqwashisa ngomdlavuza iPinkDrive, noMnyango wezeMpilo kuzwelonke.
Lo mkhankaso wokuhanjiswa kwemithola-mpilo engomahamba nendlwana, kubikwa ukuthi uneqhaza elibalulekile njengoba ngonyaka odlule usize ngokuhlolwa kwabantu abawu-7 695, esikhathini esinga-masonto amabili. Nonyaka kuhloswe ukuba kuhlolwe abantu abangaphezulu kuka-12 000.
UMnu Werner Duvenhage, onguMqondisi oMkhulu weRBM, engaphansi kweRio Tinto, uthi bayaziqhenya ngokubambisana nePinkDrive kulo mkhankaso, okuhloswe ngawo ukusondeza lolu sizo lwezempilo ezindaweni lapho lungatholakali khona.
Isikhulu esiphezulu sePinkDrive, uNkk Noelene Kotschan uthi: "Abantu abaningi baseNingizimu Afrika batholakala (nomdlavuza) emuva kwesikhathi ngenxa yokuthi kabakwazi ukufinyelela kwizinsiza zokuwuhlolela".
Uthi lo mkhankaso wabo uyasiza ukubhekana nale nkinga yokwentuleka kosizo emphakathini.
Lo mkhankaso uxhaswe yiRio Tinto, ngemali ethathwe esikhwameni sayo le nkampani, esisetshenziswa ezinhlelweni nasemisebenzini yokuthuthukiswa komphakathi.
NgokweWorld Health Organization (WHO), umdlavuza uhamba phambili ezifweni ezibulala abantu, kangangokuba balinganiselwa ku-10 million abantu abafa ngenxa yawo emhlabeni ngo-2020.
Umdlavuza webele, owamaphaphu, okapopopo nowamankwahla, kubikwa ukuthi yiyona evame kakhulu ukuhlasela abantu.