02 | Izindaba

Friday, 01 August 2025

Ezifingqiwe


01


Image

Uchazwe njengeqhawe emkhakheni wezomthetho uJaji Madlanga

IPHINI likaMengameli wamaJaji obebambile, uMbuyiseli Russel Madlanga (osesithombeni), obethatha umhlalaphansi ngoLwesine, uchazwe ngozakwabo emkhakheni wezomthetho, njengendo-da ebinamagalelo abonakalayo.

UMengameli wamaJaji, eMandisa Maya, uthe lukhulu uguquko olubekhona kwezomthetho, kule minyaka ewu-12, uJaji Madlanga eseNkantolo yomthetho-sisekelo.

UMadlanga ungelinye lamajaji abefunde agogoda kwezomthetho, futhi engaxhamazeli uma ekhipha izigwebo noma exazulula. Umcimbi wokumvalelisa,  bewethanyelwe nanguMnu Thabo Mbeki, owake waba ngumengameli waseNingizimu Afrika.

IJaji uMadlanga, liqokwe nguMengameli uCyril Ramaphosa ukuba lihole ikhomishana ezophenya ngezinsolo ezenziwa nguLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, ngosopolitiki abaphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

UMadlanga ungene emlandweni ngokuba yijaji elincane kunawo wonke ngoba waba yilona eneminyaka ewu-34.



02


UMnyango wezeMfundo nohlelo lokubala othisha nabafundi

Image

NGUNKZ Nomarashiya Caluza onguNobhala weSadtu.

UNGQONQGOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka, uthi bazoqala umkhankaso wokuhlonza othisha nabafundi "abayizipoki".

Uthi uMnyango wakhe, uchitha u-R56 billion, uholela izisebenzi, ngakho ufuna ukubona ukuthi bakhona ngempela yini bonke abaqashwe wumnyango. Umnyango uzothumela abazongena isikole nesikole, babale othisha nabafundi. Ukubalwa bekufanele kuqalwe ngoLwesithathu, kodwa kwabuye kwahlehliswa.


UNobhala seSouth African Democratic Teacher's Union (SADTU), KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthi bayakwamukela lokhu okuhlongozwa wumnyango, kodwa kungaphazamisi ukufunda nokufundisa ezikoleni.

Uthi bakhathazekile ngoba othisha bayashoda ezikoleni. UNgqongqoshe weMfundo eyisisekelo kuZwelonke, uNkz Siviwe Gwarube, uthi uzojuba ithimba elizobheka uhlelo lokuhanjiswa kokudla ezikoleni. Lokhu kulandela izikhalo zokuthi lolu hlelo kaluhambi kahle KwaZulu-Natal.


03


Kuboshwe umyeni ngokufa kwesikhulu sikaMasipala waKwaDukuza

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal, ashaqe umyeni kaNkk Nokulunga Mashabane (31), obeyisikhulu ehhovisini lemeya yaKwaDukuza.

Umyeni kaNkk Mashabane, uyasoleka ekubulaweni kwakhe, njengoba atholwa esemotweni yakhe, ipakwe eceleni komgwaqo, yena enenxeba lokudutshulwa ekhanda.

UMyeni wakhe (32), uboshwe nomunye umlisa oneminyaka ewu-26, kanti bavele eNkantolo yaKwaDukuza ngoLwesihlanu. UNkk Mashabane wadutshulwa eDarnall, ngaKwaDukuza, ngenyanga edlule.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuZwelonke, uMnu. Dean McPhearson, uhambele indawo yaseMontclair, eningizimu yeTheku, eyohlola izitamkoko, eziqhumayo, zingalungiswa.

Abahlali bakhona bakhala ngephunga elibi elidalwa yilezi zitamkoko.