19 | Ezemidlalo

Friday, 12 December 2025

OwoSuthu wethulele isigqoko uManqoba Mngqithi

UZwane uveze eyezinselelo ezinzima ahlangabezana nazo elolonga iChiefs
Image

NGU-ARTHUR Zwane (okwesobunxele) ocija AmaZulu FC, noManqoba Mngqithi we-Arrows.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu 

WETHULELWE isigqoko uManqoba "TV" Mngqithi ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows ngokucathulisa abalolongi abasebancane abampisholo, abayibambe emakilabhini agijima kwiPremier Soccer League (PSL).

U-Arthur "10111" Zwane ocija AmaZulu FC, utshele abezindaba ngesikhathi kunesigcawu se#No-Excuse - okuwumkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane oqhutshwa ngabakwaCarling, njengengxenye yomqhudelwano iCarling Knockout - ukuthi uMngqithi ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni yabalolongi abaningi abafike emuva kwakhe kulo mkhakha.

Udalule ukuthi naye wasizwa nguMngqithi ezinselelweni ezinzima ayebhekene nazo esanda kunikwa umsebenzi obucayi wokuqeqesha iKaizer Chiefs.

Uthi ngendlela lo msebenzi wokupheka iChiefs onengcindezi ngayo, wayesephenduke inkomo edla yodwa, ngoba ebalekela ukuba nabantu ababezombuza ngokwenzeka kule kilabhu.

Uthi wayekugwema ngisho ukuhlala namalungu omndeni wakhe, esejwayele ukuzivalela endlini.

Image

WAHAMBA esejikijelwa ngisho nangezikhwama uZwane kwiChiefs njengoba kubonakala onogada namaphoyisa bezama ukumvikela olakeni lwabalandeli emuva kokuba iMpofana iguqiswe yiSuperSport United ngo-1-0 ngoMay wesizini ka-2022/23.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Nokho uthi uMngqithi wakwazi ukuxhumana naye, amgqugquzele futhi amnike neziyalo zokubhekana nokushisa kwensimbi eyayisezandleni zakhe.

"Ngiyaqala ukukhuluma ngalolu daba kwabezindaba lokwelekelelwa nguMngqithi kulo mkhakha.

"Phela thina sifike kuwona sihambela phezulu njengoba besiqhamuka ekudlaleni esigabeni esikhokhelayo, singazazi izinselelo ezikuwona, kodwa (uMgqithi) wasibamba ngesandla, wasicathulisa saze sakwazi ukuzimela ngokwahlukana," esho.

Uncome nosizo olufanayo aluthola kuMandla "Mhloli" Ncikazi oyiphini lika-Abdeslam Ouaddou ongumqeqeshi we-Orlando Pirates, kanjalo nakuSteve "Mphathi" Komphela oyisekela likaMiguel Cardoso ocija iMamelodi Sundowns - aveze ukuthi bake basebenzisa imoto eyodwa bobane noMngqithi, bebuya kwesinye isifundo sokuqeqesha.

Uthi bamgcona bathi kumele kushayele yena ngoba uyingane kunabo bonke. Nokho uthi wakleza lukhulu kubona nangokuthobeka uma unikwe lo msebenzi.

UMngqithi uthe uzizwa ethobekile ngenkulumo kaZwane, wagcizelela ukuthi asuke ekwenza yingoba ekhathalele ukubona umuntu omnyama ephumelela.

UMngqithi uzokube ehola iCarling All-Stars emdlalweni nePirates wokubanga isicoco seCarling Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

 Amathikithi okubuka lo mdlalo abiza uR40 e-Open Tickets.

0