03| Izindaba

Friday, 14 November 2025

Ujabulela isibusiso sokusebenza nonina uZandi Khumalo


Uthi abalandeli bazobhema bakholwe ezingomeni ezintsha azikhiphile
Image

UZANDI Khumalo okhiphe i-EP enengoma ethi, uMkhuleko kaMama.

Thandi Zondi

UBALULA ukusebenza nonina njengento embusisile uZandi Khumalo emsebenzini wakhe wakamuva ekhipha i-EP ethi, "Ebantwini", ezozwakala emphakathini kusuka namhlanje ngoLwesihlanu.

Uthi uqoke ukuthi unina kube nguyena ombusisela umsebenzi wakhe, engomeni ethi, uMkhuleko kaMama.

Uthi le ngoma ingeyabo bonke abantu abadinga imikhuleko yomama babo. Kulo msebenzi wakhe wakamuva ogabe ngezingoma eziwu-6, uZandi uthi ubengaculi nje kuphela, kepha ubebuye aphrojuse.

"Ngijabule ngoba ngithole ithuba lokuphrojusa zonke izingoma, kangibanga ngumculi nje kuphela, kodwa bengibhala futhi ngididiyele.

"Bengithi ngibhala ngibe senginaso isithombe sokuthi ingoma ngizofuna izwakale kanjani," esho.

Kule EP yakhe, kubukeka bonke abantu bezoyithokozela, kusukela kwabe-gospel kuya kwabe-Afro soul.

"Kangiyena umuntu othanda ukuzivalela ohlotsheni olulodwa lomculo, ngithanda ukukhululeka, ngingene kunoma yiluphi," esho.

Image

UZandi - onamanoni amaningi okubalwa athi; Themba, Ubedlula Bonke, Emagameni Amathathu, Ikhela - uthi abalandeli bomculo wakhe bazoyithokozela le EP.

"Izingoma enginazo ziningi ngoba ngaso sonke isikhathi uma ngizizwa nginogqozi, ngiyabhala. Ngiyayiqopha ingoma bese ngiyigcina.

"Ngikholelwa ekutheni ingoma kumele uyikhiphe ngesikhathi esifanele, hhayi ngoba kukhona ingcindezi ethile. Nakule EP kube nzima ukutomula engihamba nazo, ngoba ziyinqwaba," esho.

Image

YI-WOODBLOCK DJs esebenze noZandi kwi-EP yakhe.

Usebenze nezinsizwa ezisencane, iWoodblock DJs ezizakhele udumo ngengoma ethi, "Skuta Baba".

"Ngikholwa wukuthi kubalulekile ukunika amaciko asakhula ithuba. Mina kangiyena umuntu okhonze ukusebenza nabantu abadumile, ngigxila ekhonweni kunodumo.

"Ngihlale ngibuka ikhono lapho lingakhona. Into enhle kakhulu ngokusebenza nalezi zinsizwa, wukuthi bezingivumela ukuthi ngibe novo uma sisestudiyo, okwenze kwaba mnandi ukusebenza nazo," esho.

Ebuzwa ngengoma ahamba nayo kule EP, uthe: "Hhayi kunzima ukuthi ngingakhetha eyodwa ngoba kuzona zonke ngikhiphe amangwevu.

"Ngizolinda abathandi bomculo bazikhethele bona ezobahlaba umxhwele," esho ehleka.

0