Izindaba | 15
Friday, 25 July 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Isithiyo ngokusebenza kweVAR kweyePSL
Baphawule kanje abafundi kwiFacebook:
NGUMNU Gayton McKenzie onguNgqongqoshe wezemiDlalo eNingizimu Afrika.
Khetho Ntanzi Fakazi Oyaya:
ESANI manje isithiyo?
Spha Mafuleka:
SEKUKHONA i-team yomfana wakhe, sekunesithiyo manje?
Bheki Mqondisi Gwala:
LO mbhemu uyathanda ukukhuluma kakhulu. Wayethe ngoJune iVAR iyobe isiphothuliwe, isilungele ukusetshenziswa, waze wathi uzoyifaka noma kanjani... manje useshintsha inkulumo, umthwalo weVAR usewuthwesa abanye.
Chris Ntuli:
USAWENZA nje umsebenzi wakhe noma sekuyiVAR eduma ekhanda lakhe?
TK Mashimane:
LO mjida ukhuthele kumaSport, uzokwenza ushintsho olukhulu.
Sbudah Sbudah Dlamini:
SIKHATHELE amanga alobaba manje, ufuna udumo nje. Kunini ekhuluma into eyodwa futhi uyahluleka ukuyifeza?
Thabani Halala Zikhali:
AKAPHENYWE, ngeke ingatholakali inkohlakalo.
Rsd Rosuade:
I-PSL ayiyifuni iVAR 💔🚮🚮
Thulasizwe Eric:
IZOYITHATHAPHI imali iSAFA kusaphethe uDanny Jordan esaphaza imali kangaka, futhi engakwazi nokuphendula imibuzo ngayo. Bahluleke wukunika amaJimbos imali yebhonasi bewine e-Africa, uCoach bamholela imali engaphansi uka-R50 000.Â
Mthunzi Mzilos:
AYIKHO into yalo muntu, kunini ekhuluma into eyodwa?