19 | Ezemidlalo

Friday, 14  November 2025

USuthu luzogadla ngesikimu esiqinile kwiLegacy Cup

Luzokwenza nama-coaching clinic ngoLwesihlanu eZululand
Image

NGABADLALI bamaZulu FC okulindeleke ukuba bajabulise abathandi bebhola kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup ngeSonto.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Nhlanhla Hudla

AZOGADLA ngesikwati esiqinile AmaZulu FC emqhudelwaneni iPrince Mangosuthu Legacy Cup, ozokuba ngeSonto ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oNdini.

AmaZulu azovula lo mqhudelwano ngokugadulisana neNjampela FC - edlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League - ngo-09h00, kuthi iRichards Bay FC ikhiphane inkani neNsingizini Hotspurs yaseSwazini ngo-12h00.

Umdlalo wamanqamu uzokuba ngo-15h00.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uPhilani Ndlela wezokuxhumana oSuthwini, uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuwunqoba lo mqhudelwano.

"Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu kwazise sizimisele ngokwenza kahle kule midlalo. Sizoya nabo bonke abadlali bethu ngenhloso yokuwunqoba. Kasiyeli nje ukuyokwandisa isibalo, kepha sifuna ukuthi ukunqoba kube yinto esegazini kubadlali," esho.

Uthi ngoLwesihlanu bazokuba nama-coaching clinic, kusuka ngo-09h00 kuya ku-14h00 eZululand, kuthi ngoMgqibelo kusuka ngo-12 kuya ku-15h00, balibangise eDikane High School ukuyothekela izingane zakhona ngolwazi lukanobhutshuzwayo.

Image

NGUMNTWANA waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ozobe ehlonishwa ngalo mdlalo.

Lo mqhudelwano - ovikelwa yiNsingizini - ubusematheni ezinyangeni ezedlule emuva kokuba bekumenyezelwe ukuthi kuza iKaizer Chiefs, okwenze amathikithi okuwubuka aphela wonke ezinsukwini ezimbalwa.

Nokho iziMpofana zigcine zihoxa ngenxa yokumpintsheka njengoba sezingene esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.

* Isiyonke imidlalo yePrince Mangosuthu Legacy Cup ihlelwe ezokuba sePrince Mangosuthu Regional Stadium imi kanjena:-
NGESONTO
AmaZulu FC vs Njampela 09h00.
Richards Bay vs Nsingizini Hotspurs 12h00.
Final 15h00.

0