09 | Izindaba
Friday, 20 June 2025
USUKUME wazenzela umphakathi obusukhathele wukulinda usizo mayelana nomgwaqo omubi, wazilungisela.
Skhosiphi Mthembu
WENZE okungajwayelekile umphakathi waKwaBhanoyi, e-Oakford, kuMasipala iNdwedwe, uzihlanganisela imali maqede wazilungisela umgwaqo osekuneminyaka kukhalwa ngokuthi mubi.
Lo mphakathi uqoqe imali umuzi nomuzi, waziqashela izinsiza-kusebenza, maqede wazikhonkela umgwaqo okuthiwa usetshenziswa yinqwaba yabantu nezimoto ezisuke ziya kule ndawo.
Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, kuba nzima ukungena kule ndawo uma linile, kanti uma kunomndeni oshonelwe, kuyaphoqa ukuba imoto ethwele isidumbu ime buqama nomuzi, ibhokisi lithwalwe ngamadoda endawo.
UNkk Fikile Masinga oyilungu lomphakathi futhi ongomunye wabebehlela ukwenziwa kwalo msebenzi, uthe besesiside isikhathi belinde ukuthola usizo, kodwa lungafiki.
Uthe bagcine bevumelana bewumphakathi ukuba baqale i-group lapho bezokwazi ukuqhamuka nesu kule nkinga abebebhekene nayo.
"Akuzange kube lula ngesikhathi sizama ukuhlanganisa umphakathi. Sigcine sikwazile ukuhlangana, savula i-group yomphakathi, okulapho sigcine sivumelana ngokuthi kuzomele sihlangane, kuqoqwe imali yokuthi sizilungisele lo mgwaqo.
"Siqale sayobheka inkampani engasisiza ukwakha, sathola nenani engakwazi ukusenzela ngalo lo msebenzi. Sisiyitholile, sibe sesivumelana ngokuthi umuzi ngamunye uzokhipha u-R1 500, abanye bakhiphe u-R500, kanti eminye ibikhipha lokhu engakwazi ukukufaka.
"Sigcine sikwazile ukuhlanganisa u-R55 000, saqala ukuzilungisela ugwaqo wethu. Sisazoqhubeka nokuhlanganisa ngoba kuningi okusamele kwenziwe kulo mgwaqo," esho.
Uveze ukuthi umphakathi ubuthwala kanzima uma izingane ziya esikoleni, ngoba izimoto kazikwazi ukungena - ikakhulukazi uma linile.
"Ngikhuluma nje, emasontweni ambalwa edlule bekunemingcwabo lapha endaweni. Imindeni ithwala kanzima uma kumele kulandwe isidumbu. Kumele sithwalwe kuyiwe naso emotweni esuke ilinde kolunye uhlangothi lapho kuhambeka khona.
"Ngisho izingane zesikole, zihamba kanzima uma ziya esikoleni ngenxa yalo mgwaqo. Kokunye besike sicele ugandaganda ungafiki, uma kwenzekile wafika, ubungalungisi yonke indawo.
"Okuhle ngalo msebenzi wethu, wukuthi udale namathuba emisebenzi njengoba usonkontileka eqashe abantu basendaweni ukuwenza," kusho uNkk Masinga.