15 | Izindaba
Friday, 01 May 2026
Baphawulile abafundi beLanga kuFacebook ngokumiswa komkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke uJenene Fannie Masemola.
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umise esikhundleni sakhe uJenene Fannie Masemola, onguMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, wanika izintambo uLt-Gen Puleng Dimpane, ukubamba isikhashana. UMasemola ubhekene necala elithinta ukukhishwa kwethenda eyanikwa uCat Matlala.
Mshanoz Victor:
Kodwa lo baba sengathi kunamanqina enyathi aboshelwa wona.
Cuzzy DiBongz Xulu:
Utheni uRamaphosa ngale mibhikisho yokuxoshwa kwabokufika?
Ntando Deepfreezar Mthembu:
Kuyefana ngoba naye loyo ozongena uzokwenza into efanayo. Bekumele kuthi uma ubanjwa unecala lokuntshontsha imali yomphakathi, kuthathwe konke onakho, ubulawe yindlala, senze njengeKorea neChina.
Nkosinathi Nathi Mthinay:
Njengoba engaqokanga uNkwali yenkosi, usaba ukuthi lizovuka lime ngezinyawo icala lasePhalaphala Farm.
Mbongeni Makhona Sbal'khulu Dlamini:
Lab’ Ramaphosa bakho bazidlalela isikeshi.
Nkululeko Zidane Buthelezi:
Kwenziwa yini ngempela kwipolitiki uma kubekwa izikhundla kubekwe namaDeputy, kodwa angikhumbuli nangelilodwa ilanga kuthi uma kumiswa umphathi, bese iphini lakhe lingena kulesi sikhundla.
Xolilie Kheswa:
Siyolokhu sibabaze njalo ngalezi zinja ezitapa imali kahulumeni.
Zilindile Nkomokazi:
URamaphosa ufuna umuntu ozozwa ngaye, njengalo Mr Bean waseNdiya.
Sandile Corrector Dzanibe:
Islay queen se-ANC.
Princes More:
Uyabona ipolitiki izoku-stressa uma uyilandela.
Real Thokozani Gasa:
Usevethwe nini yena lo oseqokiwe?
Mzamo Yogaeta:
Ungathi nguKaMagwaza-Msibi.
Dokotela Mkhumbe:
Akesimnike ithuba lona okhethiwe, singaqale simehlulele. Engingakusho nje wukuthi uRamaphosa uchazile ukuthi lo ofakiwe uzobamba okwesikhashana, ngesikhathi uMasemola esaqula icala.
Zamazulu Mbanjwa:
Kazi udume ngan lomama bakithi. Hheyi saze safunzwa umuntu singamazi.