Image

UKhuzani uhalaliselwe yinkampani yamazwe omhlaba ngempumelelo yakhe emculweni

Mthobisi Sithole

UHALALISELWE yinkampani yomculo yamazwe omhlaba umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, ngokudayisa kakhulu komculo wakhe.

Lokhu kwenziwe yi-Universal ngoLwesithathu ebusuku eRosebank, eGoli. UKhuzani uklonyeliswe ngezindondo ezihlanganisa ukuthengwa komculo wakhe oshaye igolide, omunye ama-platinum ezingomeni zakhe ezikhethekile.

Ngokwesitatimende esikhishwe yile nkampani enagamatsha naphesheya kwezilwandle, ithi ukuklomelisa kwayo umculi owenza kahle, kungenxa yokuthi izibophezele ekwesekeni umculo wesintu.

Ithi izimisele ngokubona lo mculo kamaskandi nendima yawo, ukhula kakhulu nasemazweni omhlaba ngaphandle kweNingizimu Afrika.

"Maningi amaqhawe asebenze ngokuzikhandla kwezomculo, kodwa sibone ukuthi ukusebenza kukaKhuzani sikuphakamise kule minyaka yakhe ewu-15 eyibambile kwezomculo, ukuze lo mculo wesekwe ngendlela egculisayo," kusho isitatimende.

Le nkampani yiyona esabalalisa umculo kaKhuzani ezindaweni eziningi, okubalwa nezinhlaka ezithengisa online. Ukukhishwa kwalezi zindondo, kuvela ukuthi ikwenze ngokocwaningo lwayo, ibambisene nabakwaRecording Industry of South Africa (RiSA). 

Phakathi kwezingoma okuyizona ezimenze wahlomula ngale miklomelo, kubalwa ethi "Isipoki Esingafi" eshaye i-Double Platinum, ethi "uMjolo Lowo" ethole iPlatinum, ethi ""Inja Nogodo" eshaye iGolide, ethi "Angidlali Nezingane" eshaye igolide nethi, "Imbongolo" ephume kuZibandlela (December) nyakenye yathola iGolide.

Image

Exoxa neLANGA Lempelasonto uKhuzani, uthi ujabule kakhulu uma abantu bekhombisa ukuwuthanda umculo wakhe. Uthe kuyamkhuthaza ukuqhakanjiswa kwemisebenzi yakhe esaphila.

"Kubuhlungu ukuvundululwa komlando womculi nemsebenzi yakhe emihle engasayibonanga ngoba lokho akwenzi mehluko uma engasayijabulelanga esaphila.

"Ngiyabonga kwabakwa-Universal ngemiklomelo abanginikeze yona ngoba izinkampani eziningi zomculo ziyawafihla amagalelo omculo ngenxa yokuthi zisaba ukukhokhela umculi imali yakhe," kusho uKhuzani.

Ubonge abathandi bomculo wakhe abamesekayo. Le nkampani isayinise nabaculi bayo abasha okunguMdumazi, uMlabalaba, uMbuzeni naMasinamuva Amasha.

0