03 | Izindaba

Friday, 26 September 2025

Image

Uzocacisa ngamahlaya  athunaza abesilisa bakuleli

Uthi eyokuthi uzoxolisa noma cha, izocaca emcimbini wakhe eThekwini

Lucky Cain

UZOCACISA ngamahlaya akhe athunaza abesilisa baseNingizimu Afrika usomahlaya, uThenjiwe Moseley (osesithombeni), emcimbini wakhe ozokuba seThe Playhouse, eThekwini mhla ka-3 ku-October kophezulu, obizwa ngeThenjiwe Unplugged.

Kuzobe kungokokuqala uThenjiwe enza umcimbi wakhe wamahlaya kuleli dolobha adabuka kulona, kusukela kwavuleka ilizwe ngemuva kobhubhane lweCovid 19.

UThenjiwe ungomunye wosomahlaya baseNingizimu Afrika abazinze phesheya kwezilwandle, asebehambele amazwe amaningi, beqhulula amahlaya.

Kuzokhumbuleka ukuthi uke waba sematheni ngesikhathi kusabalala i-video yakhe eqhulula amahlaya emcimbini ayewenzele eNigeria.

Kule video kwavela ehlekisa ngabesilisa baseNingizimu Afrika, okwagcina kungehlanga kahle kwabanye, bemsola ngokuzakhela ugazi kwabasaNigeria.

Image

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uThenjiwe uthe le video yaveza isiqeshana samahlaya akhe.

Uthe kulo mcimbi uzokwazi ukucacisa kahle ukuthi leli hlaya lalisukaphi, nokuthi wayeqonde ukuthini.

"Ukuthi ngizoxolisa noma cha, kuzocaca ngosuku lomcimbi. Kodwa engingakusho nje, (wukuthi) kungani laba besilisa bezwela kangaka," kusho uThenjiwe sakuncokola.

Uthe lo mcimbi usenhliziyweni yakhe ngoba uzobe ebuya okokuqala eThekwini, kusukela kwavulwa izwe.

"Kuningi engizobe ngikuveza - ngendlela enamahlaya - okuthinta impilo yami, kusukela kuvalwa izwe, nezingqinamba engahlangabezana nazo. Empeleni ngizobe ngikhuluma ngempilo yami," kusho yena.

Kulo mcimbi uzobe ehambisana nosomahlaya okubalwa kubo uFlymotion, uThando Comedy noMdura, odabuka eSwazini.

Unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi ngoba kuzobe kuqhuma amahlaya kuphela kulo mcimbi.

Utshele leli phephandaba ukuthi ngemuva kwalo mcimbi, uzodlulela eSwazini, eyoqhubeka nokujabulisa abantu ngamahlaya akhe. Uzobe  ehambisana nabo labo somahlaya.

Kuzokhumbuleka ukuthi uThenjiwe uke waba nohlelo lwakhe kumabonakude, olubizwa ngokuthi "Judge Thenjiwe", obelukhonjiswa esiteshini sikamabonakude, iMoja Love.

Uthe lolu hlelo luzokhuza ibuya ngonyaka ozayo, kwazise seziqalile izinhlelo, sekushoda ukuthi kuqale ukuqoshwa kwalo.

Ukhuthaze abanye abafisa ukungena kulo mkhakha ukuba bangazibukeli phansi izinkundla zokuxhumana, njengoba ezincoma ngokumbeka ebalazweni lomhlaba.

"Ngezinkundla zokuxhumana, sengikwazile ukunandisa emazweni amaningi ngenxa yabantu abangibone kuzona," kusho yena.

0