Ezemidlalo | 18

Friday, 30 May 2025

Image

YISIKHULU seSuperSport United uStanley ehaga umqeqeshi u-Andre Arendse, simbonga ngokuhlenga le kilabhu ezembeni.

Badinde isililo senjabulo besinda ezembeni lePSL

Kushoveleke kweyokuhlunga iCape Town City kuphunyula iSuperSport United

Mfanafuthi Ndlovu

BADINDE isililo senjabulo abaqeqeshi nezikhulu zeSuperSport United ngesikhathi le kilabhu ivika izembe ngokubambana neLamontville Golden Arrows kuba ngu-1-1 emdlalweni wokugcina wala makilabhu weBetway Premiership ngoLwesine eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Kulo mdlalo bekuqedelwa isiwombe sesibili kwazise waphazamiseka ngomhla ka-23 kuNhlolanja (February) la makilabhu ebambene ngo-1-1 ngesikhathi kuhamba ugesi.

Image

YISIKHULU seSuperSport United uStanley siduduzwa ngamanye amalungu ethimba labaqeqeshi bale kilabhu.

Emuva kwalo mdlalo, uStanley Matthews oyisikhulu seSuperSport no-Andre Arendse ongumqeqeshi bavele bakhihla isililo senjabulo. Bathi bekunzima kakhulu kule sizini. Bathi nezindaba zokuthi le kilabhu iyadayiswa zibaphazamise kakhulu.

Umphumela walo mdlalo ushovele emidlalweni yokuhlunga iCape Town City okufanele ilinde icala leDurban City ukwazi ukuthi izoyidlala namaphi amakilabhu.

IDurban City isenkingeni njengoba kunamakilabhu afuna ukuba yephucwe amaphuzu okungenza isuke esicongweni seMotsepe Foundation Championship eqede isizini ihleli kusona. Leli cala lifakwe yiJDR Stars neCape Town Spurs ezama ukuvika izembe leMFC.

Image

NGULUNGELO Dube we-Arrowns noLebohang Maboe weSuperSport.

La makilabhu akhala ngokuthi iDurban City beyidlalisa uSaziso Magawana ekubeni engasayinile ngokusemthethweni kuyona. Uma kwenzeka akufisayo, i-Orbit College eqede iyisibili, kungenzeka yeqe iDurban City.

Nokho ikomidi lobugwegwe lePremier Soccer League (PSL) layikhipha phambili iDurban City okwenza iJDR neSpurs baqonda kumahluleli ozimele. Kubhekwe ukuba lingene ngoLwesihlanu kumahluleli, isinqumo siphume ngoMgqibelo.

Empeleni isinqumo saleli cala bekufanele siphume ngoLwesihlanu olwedlule kodwa kwaphazamisa ukuhoxa kukamehluleli obeqokiwe u-Adv Terry Motau, okwenze waqokwa ngoLwesine othathe indawo yakhe.

0