Ezemidlalo | 18
Friday, 16 May 2025
Ufuna ukusonga iBetway Premiership ngegiya eliphezulu yize eseyinqobile
Senzo Sokhela
UVEZA afike wakuguqula akholwa wukuthi yikhona okubanqobise isicoco seligi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.
IDowns iguqise ngo-3-0 iChippa United koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngegoli lika-Iqraam Rayners namabili ka-Arthur Sales.
UCardoso ujoyine iDowns ngoZibandlela (December) emuva kokuba kukhonjwe indlela uManqoba "TV" Mngqithi oselolonga iLamontville Golden Arrows.
Lo mqeqeshi odabuka ePortugal uthi ufike waqala ngokulungisa imiqondo yabadlali.
"Okokuqala nje engizitshele khona wukuthi ngizoqhubeka lapho kugcine khona umqeqeshi obesephuma, kodwa imidlalo ngiyinqobe ngeyami indlela.
"Kunzima ukusebenza neqoqo labadlali abaseqophelweni eliphezulu bonke. Ngifike imimoya iphansi kubadlali, ngavuselela ukuzethemba kubona.
IPHAKAME ngesikhathi esikahle ifomu ka-Arthur Sales weSundowns njengoba ezakhe ziya kowamanqamu weCaf Champions League ngesonto elizayo.
"Ngibeluleke ngokomqondo ngoba bengibona ukuthi kukhona okungabaphethe kahle. Yilapho obekufanele ngiqale khona ukubuyisa uzinzo nobumbano. Ngibe sengifaka indlela engifuna badlale ngayo eyehlukile, bayibamba, yingakho manje sesiyizingqwele zeligi," esho.
Uthi manje okumqoka wukuba ngomakhonya base-Afrika njengoba bezogijima owamanqamu weCaf Champions League nePyramids FC yaseGibhithe. Umlenze wokuqala uzokuba sePitoli mhla ka-24 kwephezulu owesibili ube seGibhithe mhla ka-1 kuNhlangulana (June).
"Kasigcinile, sisanethuba lokuba yizingqwele zase-Afrika ngokunqoba iCaf Champions League. Kodwa-ke amehlo ethu asekulo mdlalo weligi osele, kufanele siwunqobe nawo ngesitayela," esho.
Umdlalo wokusonga isizini weDowns izowugijima neMagesi FC ngeSonto ngo-17h30 eLoftus Stadium, ePitoli.