22| Ezemidlalo

Friday, 21 November 2025

Image

NGUPHIKELELANI KHUMALO exhimfana noMbiya Kanku waseDRC empini agcina ehluliwe kuyona.

Ijabulela ukuphekwa ngobhojwana ejimini ingqwele yakuleli 


Ivivela impi yokuvikela ibhande layo, ihlwithe elesitha

Linda Ximba

IZWAKALISE ukwenama ngamalungiselelo ayo ingqwele yaseNingizimu Afrika kwi-middleweight, uPhikelelani “The Stinger” Khumalo, ezobhekana noDon Juan van Heerden empini eyimizuliswano ewu-12 mhla ka-29 November ebusuku, Emperor’s Palace, eKempton Park, eGoli.

UKhumalo uzobe evikela isicoco sakhe, kanti uVan Heerden ubeke esitikini isicoco se-African Boxing Union (ABU) okuchaza ukuthi ozonqoba ngalobu busuku, uzogoduka nawo womabili la mabhande.

Image

YISITHA sikaKhumalo uDon Juan van Heerden, omile, azobhekana naso empini ezokube iseGoli.

UKhumalo uzobhekana noVan Heerden nje, kwakumele avikele isicoco sakhe kuSimphiwe Mbhele, kodwa ukulimala esandleni kwabhuntshisa impi.

Nokho uthe useluleme ngokwanele, wathi weneme nangendlela amalungiselelo ahamba ngakhona.

“Ngibe nekhempu yamasonto amane eHot Box Gym eGoli, ngaphansi kukaCollin Nathan.

"Manje sengibuyele eThekwini, nakhona lapho kangizibekile phansi njengoba elinye ithimba labaqeqeshi bami, okukhona kulo nobaba (uMlindelwa) no-Irvin Buhlalu, lingipheke ngebhodwe elincane,” kusho leli nxele elake laba umdlali webhola ezingeni lama-amesha, ligijima kwiLamontville Golden Arrows nakwiMaritzburg United, esiyiDurban City.

UKhumalo, odabuka eMthwalume, uzobe evikela okokuqala lesi sicoco sikazwelonke asihlwitha kuJohn Bopape ngamaphuzu.

UBopape wayesewaphuze inyongo amabhokisa aKwaZulu-Natal, ewagingqa kalula, kodwa ngesikhathi esetholana phezulu noKhumalo empini eyayiseMtshezi ngoMarch, wahlangabezana nezimbila zithutha.

U-Van Heerden unqobe isicoco se-ABU ngemuva kokuxebula uDean Promnick owanqaba isiZulu ukuqhubeka nempi sekumele kuqale umzuliswano weshumi ngo-August) eGoli.

0