19 | Ezemidlalo
Friday, 27 June 2025
NGU-YANN Sommer ongunozinti we-Inter Milan.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
USEPHUMELE obala ngokufiswa yikilabhu yakhe uYann Sommer ongunozinti we-Inter Milan yase-Italy, ehlule iRiver Plate yase-Argentina ngo-2-0 koweFifa Club World Cup eqhubeka e-United States of America (USA).
I-Inter ingenye yamakilabhu okubhekeke ukuba ahambe ibanga elide kulo mqhudelwano kwazise idlale yaze yafika kowamanqamu we-Uefa Champions League lapho ethelwe khona ngesibhaxu sika-5-0 yiParis Saint Germain (PSG) yaseFrance kowamanqamu.
"Sifake umdlandla omningi kakhulu kulo mdlalo kwazise besazi ukuthi ukuba sike salahla, besizozithola sesiwubukela komabonakude lo mqhudelwano esifuna ukuwunqoba emuva kokuphoxeka kowamanqamu weChampions League.
"Bekubaluleke kakhulu ukuba sinqobe kumnyama kubomvu. Sinethemba lokuthi sizokwenza kahle kwi-last 16," kusho lo nozinti odabuka eSwitzerland.
BEBESHO ukudlana luhlaza abadlali be-Inter nabeRiver Plate ngesikhathi la makilabhu ebhekene koweFifa Club World Cup
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
I-Afrika ishaye udaka kulo mqhudelwano njengoba womane amakilabhu abeyimele ephume emzuliswaneni wokuqala.
La makilabhu yi-Al Ahly yaseGibhithe, i-Esperance yaseTunisia, yiWydad Casablanca yaseMorocco neMamelodi Sundowns yaseNingizimu Afrika.
Lo mqhudelwano bewuqala ukugijinywa ngamakilabhu awu-32 nonyaka.
Imi kanje imidlalo yamaqoqo esele: NGOLWESIHLANU
Juventus vs Manchester City 21h00.
Wydad vs Al Ain 21h00.
Imidlalo esilobe seyiqinisekisiwe yesigaba se-last 16 yeFifa Club World Cup ihlelwe kanje:-
NGOMGQIBELO
Al Hilal vs Pachuca 03h00.
Salzburg vs Real Madrid 03h00.
Palmeiras vs Botafogo 18h00.
Benfica vs Chelsea 22h00.
NGESONTO
PSG vs Inter Miami 18h00.
Flamengo vs Bayern Munich 22h00.
NGOMSOMBULUKO
Inter Milan vs Fluminense 21h00.