23 | Ezemidlalo

Friday, 28 November 2025

Uvuma eyokushisa kwensimbi umqeqeshi weLiverpool

Image
Uthi akazi konakele kuphi ngoba konke bakwenza kahle kodwa imiphumela iyabaphika

NGUMQEQESHI weLiverpool, u-Arne Slot.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UVUMA eyokushisa kwensimbi u-Arne Slot ongumqeqeshi weLiverpool ehlulwe yiPSV Eindhoven yaseNetherlands ngo-4-1 kowe-Uefa Champions League ngoLwesithathu.

Kwenzeka lokhu nje, izinto zimapeketwana kwiLiverpool kulezi zinsuku njengoba iphikwa yimiphumela.

Ngeledlule yehlulwe yiNottingham Forest ngo-3-0 kowe-English Premier League (EPL), osekunciphise amathuba okuvikela lesi sicoco esinqobe ngesizini edlule.

Image

U-Jerdy Schouten (okwesobunxele) noSergino Dest bePSV, bebemqaphe ngelokhozi u-Alexander Isak weLiverpool.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ekhuluma emuva komdlalo lo mqeqeshi, uvumile ukuthi isiyezwela imikhizo ejazini ngokungenzi kahle kwezakhe.

"Bonke abantu bamangele ngesimo esikusona njengamanje. Kangazi ukuthi ngizothi konakele kuphi ngoba konke sikwenza ngendlela.

"Empeleni ngeke ngithi sidlala kabi, kodwa kakukho okusivunayo. Abadlali bakhombisa ukukhathazeka. Ngiyethemba kodwa ukuthi sizokwazi ukuguqula lesi simo ngokushesha," esho.

Isiyonke imidlalo ye-EPL engempelasonto ihlelwe kanje:
NGOMGQIBELO
Brentford vs Burnley 17h00.
Sunderland vs Bournemouth 17h00.
Man City vs Leeds United 17h00.
Everton vs Newcastle United 19h30.
Tottenham vs Fulham 22h00.
NGESONTO
Crystal Palace vs Man United 14h00.
West Ham vs Liverpool 16h05.
Aston Villa vs Wolves 16h05.
Forest vs Brighton 16h05.
Chelsea vs Arsenal 18h30.
* EyeSpanish La Liga:
NGOLWESIHLANU
Getafe vs Elche 22h00.
NGOMGQIBELO
Mallorca vs Osasuna 15h00.
Barcelona vs Alaves 17h15.
Levante vs Athletic Club 19h30.
Atletico Madrid vs Oviedo 22h00.
NGESONTO
Real Sociedad vs Villarreal 15h00.
Sevilla vs Real Betis 17h15.
Celta Vigo vs Espanyol 19h30.
Girona vs Real Madrid 22h00.
Rayo Vallecano vs Valencia 22h00.
* Eye-Serie A yase-Italy:
NGOLWESIHLANU
Como vs Sassuolo 21h45.
NGOMGQIBELO
Parma vs Udinese 16h00.
Genoa vs Verona 16h00.
Juventus vs Cagliari 19h00.
AC Milan vs Lazio 21h45.
NGESONTO
Lecco vs Torino 13h30.
Pisa vs Inter Milan 16h00.
Atalanta vs Fiorentina 19h00.
Roma vs Napoli 21h45.
NGOMSOMBULUKO
Bologna vs Cremonese 21h45.

0