22 | Ezemidlalo
Friday, 08 August 2025
NGU-LUCAS Suarez.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ISITOBHA sase-Argentina esilaxazwe yiMamelodi Sundowns, uLucas Suares (30), sisayiniswe yiLiverpool yase-Uruguay.
Lesi sitobha sisayine kwiSundowns maphakathi nesizini edlule sisuka kwiClub Atletico Lanus yangakubo.
Nokho sishaye into ephansi sabe sesidedelwa ngokuphela kwesizini. Kuvela ukuthi sesitakulwe yile kilabhu yase-Uruguay.
IPREMIER Soccer League (PSL) seyilumemezele usuku nezinkundla zemidlalo yomlenze wokuqala wamaSemi final eMTN8.
I-Orlando Pirates izobhekana neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ozayo, womhla ka-16 kuNcwaba (August) ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto, kuthi iStellenbosch FC yamukele iSekhukhune United ngosuku olufanayo ngo-18h00 eDanie Craven Stadium.
NGUSIFISO Ngobeni
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ICAPE Town City esikuvumile ukuthi iyodlala kwiMotsepe Foundation Championship - emuva kokugoloza isikhathi eside - isayinise uSifiso Ngobeni (28) obesanda kukhonjwa indlela yiMamelodi Sundowns abesehlale amasizini amathathu kuyona.
UNgobeni usayina kwiCity nje, ngesizini edlule ubebolekwe AmaZulu FC. Kuthiwa noGavin Hunt ubemufuna kwiDurban City, kodwa waqoma iCape Town City.
NGUSPHELELE Mthembu.
IDURBAN City engomakoti beBetway Premiership, isayinise uSiphelele Mthembu (20) obedlala kwiKZN Academy.
Usayine inkontileka yeminyaka emithathu nale kilabhu.
Ngesizini edlule ubegijima kwiSinenkani FC yase-Eastern Cape.
ISEKHUKHUNE United ibolekise ngoBanele Gama (26) kwiMagesi FC.
Lesi sitobha besisanda kusayina kwiSekhukhune esithathe kwiVenda FC. Ubolekwe isizini.