05 | Izindaba

Friday, 13 February 2026

Image
Lithi lazisika, lazigwaza lizama ukuzibulala

Lahlukanisa nomkalo laphinde lamshada iphoyisa elivume icala lokumbulala

Thandoluhle Ngubo noJohn Hlongwa 

LAHLUKANISA nenkosikazi yalo eyayingummeli, laphinde layishada zingakapheli izinyanga eziwu-6, iphoyisa likaMasipala weTheku elivume icala lokuyibulala (inkosikazi).

Lokhu kuvele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi uQiniso Sishi (40) (osesithombeni), evuma icala lokubulala uNkk Thandokuhle Sishi (48), esigamekweni esenzeka emzini wabo oseWoodhaven, eThekwini, ngoJuly 2025.

 Ngokwesitatimende esenziwe nguSishi - safundwa ngummeli, u-Adv Cyril Simphiwe Mlotshwa - uthi ubudlelwano bakhe nomufi babunodlame, kangangokuba bafaka isehlukaniso ngoNovember ka-2024, kodwa baphinde bashada ngoMay ka-2025.

Utshele inkantolo ukuthi ngosuku lwesigameko, wayehleli ethaveni yendawo nabangani bakhe, waphuza iziphuzo ezithile. 

Image

Uthe wabe esegoduka, okuyilapho kwaqubuka khona ingxabano phakathi kwakhe nomufi.

Uthe wathatha ummese ekhishini, wagwaza umkakhe esifubeni nakwesingehla izikhawu eziningi.

"Ngesikhathi ngimgwaza, ngase nginenhloso yokumbulala. Bathi bayasondela abomndeni nomakhelwane, ngabavimba ukuba bangene, bamsize.

"Ngabe sengizisika isihlakala, ngazigwaza inxeba nasesifubeni ngenhloso yokuzibulala.

"Amaphoyisa akwazi ukusondela kimi, angiphuthumisa esibhedlela, ngelashwa,  ngathungwa izitishi eziwu-4 esifubeni, neziwu-33 esihlakaleni," esho.

Image

NGUSISHI nomufi uNkk Thandokuhle Sishi, ngezikhathi zabo zobumnandi.

Uthe uyazisola ngesenzo sakhe, waxolisa emndenini kamufi nakomakhelwane.

 Umshushisi, u-Adv Rakesh Singh, utshele inkantolo ukuthi akavumelani nesigaba lapho umsolwa ethi uyazisola.

Uthe yize kunjalo, uyasemukela isitatimende sokuvuma icala.

Icala libe seliguqela umhla ka-17 April nonyaka.

0