04 | Ezikaqedisizungu

Friday, 23 January 2026

Image

USimphiwe Dana ne-album yokwelapha umphefumulo

Uthi isihloko sayo simayelana nobumsulwa, nokuphindela ebunganeni

Thandi Zondi

UBUYA nge-album entsha - ezophuma namuhla ngoLwesihlanu - emuva kwekhefu leminyaka ewu-5 umzwilili onguSimphiwe Dana, othi uyenze ngesikhathi ebhekene nosizi lokushonelwa ngunina ngo-2021

Uthi le album ethi, "Moya" imayelana noshintsho nokuzithola kabusha. Njengoba eyidedela ngoJanuary, uthi yinyanga esho lukhulu kuyena, kwazise yena nonina, bazalwa ngayo. 

"Ngesikhathi ngenza iMoya, bengibhekene nosizi lokushonelwa, ngingafuni ukwabelana ngalo nomunye umuntu.

"Sonke salahlekelwa ngothile ngesikhathi seCovid-19, sazithola sisodwa osizini. Nginethemba lokuthi umuntu owake wabhekana nale mizwa, uzoduduzeka, aziqonde, alapheke ngokomculo, futhi azi ukuthi akayedwa," esho.

Image


Le album uthi imxhumanisa nohlangothi lwakhe lukamoya, ngenhloso yokuzama ukumbuyisela kumuntu ayenguyena ngaphambi kokulahlekelwa (ngunina).

Ingoma yokuqala ethi "Mayenzeke", iveza ukubaluleka kokubhekana nokulahlekelwa, esikhundleni sokubalekela imizwa yako.

 Phambilini lo mculi wachaza ukuthi ukushonelwa ngunina kwamshaya ngendlela yokuthi wayeze akhohlwe wukudla, okwamenza waphindela kusayizi wakhe ngesikhathi eneminyaka ewu-16.

Image

"Ukwenza le album kungenze ngaba ngumuntu futhi, kwangitshengisa ukubaluleka kokubhekana nengikuzwa ngaphakathi, esikhundleni sokubaleka.

 "Ngibonile ukuthi kasikho isidingo sokuthi ngithwale ubuhlungu nentukuthelo, kumele ngibudedele," kusho yena.

USimphiwe ungomunye wabaculi abanohlonze eNingizimu Afrika, useke wahlabana kawu-9 kwiSouth African Music Awards, wahlabana kabili kwiSouth African Metro Awards.

Le album entsha yelama awu-5 amadala; okungethi Zandisile, i-One Love Moment on Bantu Biko Street, iKulture Noir, iFirebrand neBamako.

Uthi akazi ukuthi abathandi bomculo wakhe bazoyamukela kanjani, kepha inhloso enkulu yayo wukwelapha, nokuxosha imizwa engemihle, inike ukuthula ngisho ngabe umuntu ukuluphi uhambo lwempilo.

0