20 | Ezemidlalo

Friday, 16 January 2026

Image

YISETHENJWA seSenegal uSadio Mane.

Simnukela ekhaleni uMane isicoco se-Afcon

SENZO SOKHELA

SIMNUKELA ekhaleni isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ezosongwa ngeSonto eMorocco uSadio Mane, okuthiwa usebizwa ngenkosi eSenegal.

ISenegal idlulele kowamanqamu we-Afcon iguqisa ngo-1-0 i-Egypt kwi-semi final yalo mqhudelwano ngoLwesithathu ebusuku. UMane ube yiqhawe njengoba eshaye igoli okuyilona elifake iSenegal kowamanqamu.

Image

NGABADLALI beSenegal bejabulela igoli likaSadio Mane elibafake kowamanqamu we-Afcon.

ISenegal izobhekana nosokhaya iMorocco kowamanqamu ngeSonto ngo-21h00 ebusuku, kanti uMane uthi uzwa ekhaleni ukuthi lesi sicoco bazohamba naso.

"Ngiyazi ukuthi kulo mdlalo kunzima ukusho ukuthi ngobani izimfivilithi kodwa ngokwami bona (abeMorocco) kabazona ngoba banengcindezi njengoba besekhaya, abakwazi ukuphoxa. Nathi siyayifuna le nkomishi, sifuna ukuyinqobela izwe lethu.

Image

"Le ngiyizwa ngaphakathi ukuthi ngeyethu. Okungenza ngisho njalo wubumbano nokuzinikela engikubona kubadlali bethu. Ayikho into emqoka njengobumbano, lwenza wonke umuntu agcwale ukuzethemba.

"Yebo basekhaya kodwa sizobamangaza ngoba abadlali bethu banokhakhayi oluqinile. Ngibona bezothwala kanzima njengoba bevumele ukuthi umdlalo wabo neNigeria uye emaphenathini.
Le nto ingase ibashaye uma sebebhekene nathi, babanjwe wukukhathala. Kodwa-ke kufanele sizibheke thina, singene enkundleni siyokwenza umsebenzi,'' kusho uMane.

Image

NGUPAPE Thiaw ololonga iSenegal.

Khonamanjalo, i-Egypt neNigeria bazobanga indawo yesithathu kulo mqhudelwano ngeSonto ngo-18h00 ntambama.

0