20 | Ezemidlalo

Friday, 05 December 2025

Ulubalubela ukubuyela kwiPremiership obedlala kwi-AM eseyafa


Useyibambe kwiKruger esembangweni wokunqoba iMFC

Image

NGUSIKHAKHANE eshiya uJaedin Rhodes weCape Town City eketuka.

Mfanafuthi Ndlovu

UZIMISELE ngokwenza isitebhisi sokubuyela kwiBetway Premiership iKruger United egijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC) uMlungisi "Mlu" Sikhakhane oyisitobha sale kilabhu.

USikhakhane ngesizini edlule ubegijima kwiRoyal AM ebeyidlala kwiBetway Premiership, kodwa engayiqedanga isizini njengoba ihlakazwe ngumthelisi (Sars) ngoba umnikazi wayo, uShauwn "MaMkhize" Mkhize ubegutshuzelwe yizikweletu zentela.

Nakuba iKruger iwashiswe ijezi yiHighbury FC kowokuhlungela ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup ngoLwesibili, kuba ngu-3-0, kodwa lo mdlali uthi okubalulekile wukunqoba imidlalo yeligi, kubalwa noweThe Bees abazogadulisana nayo koweMFC ngoMgqibelo ngo-15h30 KaNyamazane Stadium.

USikhakhane uthi kuningi akufundile ngokudlala kulesi sigaba, kubalwa nokuziphatha konondweba abadlalisa kusona. Uthi kubalulekile ukuthi uma udlala kulesi sigaba ubenomqondo ongaphezulu kwaso ngenxa yezinto ezenzeka kusona.

"Ngikholwa wukuthi konke kusahamba kahle eligini. Nokho sifuna ukuvala unyaka ngegiya eliphezulu njengoba sisele ngephuzu kwiMilford FC eqhwakele.

"Sinabadlali abaningi abanesipiliyoni, abangakwazi ukunyusa le kilabhu. SinoKhethokwakhe Ndlovu, uCelimpilo Ngema, uTercious Malepe no-Ibrahim Seedat.

"Sesinqobe imidlalo ewu-5 ilandelana ngaphansi komqeqeshi wethu u-Abram Mongoya. Ngisathokozile ngengikwenzela ikilabhu okwamanje.

"Ngifisa sengathi lingafezeka iphupho lami lokubuyela kwiPremiership ngesizini ezayo, nakuba iseyinde indlela esazohanjwa," esho.

Image

* Kuzo ezeMFC, uSfiso "Chicco" Mdluli weMilford FC uthi kubalulekile ukubuya namaphuzu agcwele kwiMidlands Wanderers abazodlala nayo koweMFC ngoMgqibelo ngo-15h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

Uthi lo mdlalo bawubona uwumqansa njengoba iWanderers izama ukubalekela izembe. Uthi kakumele bayithathe kalula iWanderers.

Isiyonke imidlalo yeMFC yokuvala unyaka imi kanje:
NGOMGQIBELO
KaNyamazane: The Bees vs Kruger United 15h30.
E-NWU: Lerumo Lions vs University of Pretoria 15h30.
ESolomon Mahlangu: Casric Stars vs Leicesterford City 15h30.
EThohoyandou: Black Leopards vs Gomora United 15h30.
EHarry Gwala: Midlands Wanderers vs Milford Fc 15h30.
E-Athlone: Cape Town City vs Highbury FC 15h30.
NGESONTO
EMxolisi Dicky: Upington City vs Hungry Lions 15h30.
EGlobal Village: Baroka FC vs Venda FC 15h30.

0