22 | Ezemidlalo
Friday, 29 August 2025
SEWUHLEHLISELWE usuku olungakaziwa umdlalo wamaZulu FC ne-Orlando Pirates obewubekelwe uMgqibelo womhla ka-20 kuSeptember eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lokhu kudalwe wukuthi ngale mpelasonto eZimnyama zizokube zigijima umdlalo weCaf Champions League.
KUCASUKE ngisho nomqeqeshi weSekhukhune United, u-Eric Tinkler unompempe ekhipha umdlali wakhe, uThabang Monare (okwesokudla).
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UDINWE uyaqhuma uThabang Monare odlala esiswini kwiSekhukhune United emuva kokuba unondweba, uCedric Muvhali emukhiphele ngaphandle umdlalo unemizuzu ewu-6 uqalile, ethi makayokhipha isiphandla abesibhandishile le kilabhu ibambana namaZulu ngo-1-1 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Uthi okumdidile wukuthi kunabadlali abathathu bamaZulu abebezifakile iziphanda, futhi nabo bezibhandishile, kodwa bona wangabakhipha.
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso (osesithombeni), uthi abalandeli bale kilabhu abamufuna ehambile, kufanele behlise amaphaphu ngoba uyakha kabusha le kilabhu.
Ukusho lokhu emuva kokuba iDowns ibambane neKaizer Chiefs ngo-0-0 koweBetway Premiership izolo ngoLwesithathu ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.
WEBOLEKISWE isizini eyodwa kwi-Al-Hazem yaseSaudi Arabia umdlali waseNingizimu Afrika obuye abizelwe naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana, u-Elias Mokwana, ongumdlali we-Esperance yaseTunisia.
Lo mdlali kulindeleke ukuba kumsize ukudlala kwi-Al-Hazem ukubuyela kwiBafana ezodlala i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngoDecember isongwe ngoJanuary wango-2026 eMorocco.
ULUBALUBELA ukuzakhela igama kwiHollywoodbets Durban 10km umgijimi ongene unombolo 18 kwiComrades Marathon yanonyaka, ebeyisuka eMgungundlovu ibheke eThekwini.
ULindelani Mjwara (osesithombeni), utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi uzimisele ngokushaya into ecokeme nakulo mjaho ozokuba ngoMgqibelo kusuka ngo-7h30 ekuseni eKingsmead Cricket Stadium, usongwe khona futhi.
"Ngenza kahle ngigijima iComrades ngiqala ukubamba iqhaza kuyona, nakulo mjaho ngiyafisa ukwenza okungcono," esho.
Lo mjaho uzoboniswa bukhoma kwiSABC 2 kusukela ngo-06h30.
KULINDELEKE ukuba umphakathi uphume ngobuningi emqhudelwaneni wamabhayisikili, obizwa nge-2025 Legacy Ride for Hope, ozoqala ngoMsombuluko eHowick kubhekwe emzini kaNelson Mandela oseGauteng.
Inhloso wukuqoqa imali yokusiza imiphakathi ehlwempu yaseHowick.
ULuthando Kaka ongumdidiyeli walo mqhudelwano, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi lo mjaho uzongenelwa ngabagibeli bamabhayisikili ababalelwa ku-110, abaphuma kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika.
Uthe bazohamba ngamabhayisikili izinsuku ezine ukusuka eHowick bebheke eGauteng.
" Sizoqala eTetelegu Primary School (KwaMpumuza, eMgungundlovu), osukwini lwesibili sizodlulela eThembisizwe Primary, eMnambithi, silibhekise eStanderton ngosuku lwesithathu ngaphambi kokufika eGoli.
"Sizokube sesiya eBhekani Primary," esho.
Kulezi zikole bazokwakha okuthile kuzona ukuphonsa esivivaneni.