18 | Ezemidlalo

Friday, 14 November 2025

URulani Mokwena uyabuqonda ubunzima beChampions League


Uthi kuhlale kunzima ukubhekana neSundowns abaqhathwe nayo esigabeni samaqoqo

Image

NGURULANI Mokwena ongumqeqeshi weMC Alger yase-Algeria.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UYABUQONDA ubunzima azohlangabezana nabo kwiCaf Champions League uRulani Mokwena waseNingizimu Afrika ongumqeqeshi weMC Alger yase-Algeria, ehambela phezulu kulezi zinsuku njengoba ingakehlulwa emidlalweni yayo kule sizini.

UMokwena - owake waqeqesha iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngokwahlukana kuleli - uthi ulindele imidlalo enzima esigabeni samaqoqo kwazise kayikho ikilabhu ayibona ilula kwi-group C lapho ezakhe eziqhathwe khona neSundowns, i-Al Hilal Sports Club yaseSudan neSt Eloi Lupopo yaseDR Congo egqame kwabakuleli ikhipha iBucs ngamaphenathi kulo mqhudelwano.

"Siyilungele inselelo esizobhekana nayo kule midlalo. Kayikho ikilabhu esizoyithatha kalula kwazise ngibe nesikhathi sokuzibuka izimbangi zethu zidlala.

"Ukubhekana neSundowns kuhlale kuyinto engelula, kodwa sikulungele ukudlala nanoma iyiphi ikilabhu," esho.

Image

NGABADLALI beDowns eyake yaqeqeshwa nguMokwena, eseqoqweni elilodwa nezakhe kwiCaf Champions League.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Lo mqeqeshi uyiqale kahle le sizini njengoba esenqobe imidlalo ewu-7, wadlala ngokulingana kowodwa, osekudonse amehlo abathandi bebhola abaningi bakuleli abebekade sebeqala ukumkhohlwa emuva kokungenzi kahle kwakhe kwiWydad Casablanca yaseMorocco, egcine imxosha ngesizini edlule.

Ukubuyisa isithunzi ngemiphumela emihle kwalo mqeqeshi - ekubeni esebenza ngaphandle kwakuleli - kuyizinkomba zokuthi likhona ikhono lokucija kwabakuleli kwazise amakilabhu amaningi amakhulu ase-Afrika asenenkolelo yokubalanda ukuba bayowapheka.

Le ndlela iqalwe nguPitso "Jingles" Mosimane osuke kwiSundowns wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt ngo-2020, ayihole yanqoba iChampions League nezinye izicoco ezimqoka.

Sekuwumlando ukuthi i-Al Ahly ihlwithe nomqeqeshi weBucs ngesizini edlule, uJose Riveiro waseSpain, yahamba naye ukuyodlala kwiFifa Club World Cup ebiseMelika, kodwa yabuye yamchitha ngenxa yemiphumela engagculisi.

0