05 | Izindaba

Friday, 16 January 2026

Linovalo isekela likathishanhloko 'elesatshiswa ngokufa'


Kusolwa nombango wezikhundla enyunyaneni elingomunye wabaholi kuyona

Skhosiphi Mthembu

LIHLAFUNA lijeqeza isekela likathishanhloko wesinye sezikole zamabanga aphakeme KwaMaphumulo, okuthiwa lisongelwa ngokusocongwa.

UMnu Siyabonga Mthuli, oyisekela likathishanhloko eVukile High School, futhi  ongusihlalo weNational Teachers' Union (Natu) esiFundeni Ilembe, kuthiwa uthola izinsongo zokubulawa.

Lokhu sekwenze impilo yakhe yaba nzima, njengoba esewabikelile amaphoyisa ngenxa yovalo lokwenziwa isilo sengubo.

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, uMthuli wathola imiqhafazo kumuntu angamazi, owabuye wamshayela ucingo, emazisa ukuthi makagawule abheke, ngoba kunezinkabi ezithengiwe ukuba zimsuse emhlabeni. 

Image

Umthombo uthi le miqhafazo ibisho nanohlobo lwemoto izinkabi ezihamba ngayo, imazisa nokuthi zingagadla noma nini.

"Isimo sibi kuMthuli emuva kokuthola le miqhafazo, sekunzima ngisho nokuba avuke alibangise emsebenzini, ngoba akazi ukuthi laba bantu abathengwe ukumbulala, bayamlandela yini nokuthi bazogadla nini.

"Lo muntu uqale ngokumthumelela imiqhafazo emtshela ngalokhu, kwahamba isikhathi wamshayela ucingo, emchazela ukuthi kunabantu abazombulala, asebekhokheliwe nemali yokuba bamsoconge.

"Yize engazange amtshele isizathu sokusocongwa, kodwa usola ukuthi yinto engaphakathi kwinyunyana, yize engeke aphumele obala ngalokho.

"Njengoba kade kunokhetho ngonyaka odlule, kunabantu abagcine benyatheleka amakhona, kangangoba kukhona abaze bamshayela nocingo, bezwakalisa ukungajabuli ngaye. Siyasola ukuthi nakho lokhu kungaba umthelela wokuthi abulawe," kusho umthombo.

Ethintwa uMthuli ngalolu daba, uvumile ukuthi ikhona into efana nalena, kodwa wathi akathandi ukwenaba ngayo. Uthe usewabikelile amaphoyisa.

UMnu Mthemba Mabija ongunobhala-jikelele weNatu, ethintwa ngalolu daba, uthe uzwile ngalo, wathi lusazodingidwa ngaphakathi enyunyaneni.

0