17| Ezemidlalo
Friday, 14 November 2025
YINGXENYE yabadlali bePirates abakwiBafana Bafana. Kusuka kwesobunxele nguSipho Mbule, uThalente Mbatha, uSipho Chaine, u-Evidence Makgopa, uMbekezeli Mbokazi, uTshepang Moremi no-Oswin Appollis.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UBAMBE umoya ngabadlali bakhe abaseqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
IBafana izoshukana neZambia kowesihle ngoMgqibelo ngo-18h00 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. Iya kulo mdlalo nje, imelwe ngabadlali abawu-9 bePirates.
Labo badlali nguSipho Chaine, uMbekezeli Mbokazi, uNkosinathi Sibisi, uMasindi Nemtajela, uThalente Mbatha u-Evidence Makgopa, u-Oswin Appollis, uTshepang Moremi noSipho Mbule.
U-Ouaddou uthi yize kumjabulisa, futhi ebeseka abadlali bakhe, kodwa umincele ukuthi bangalimali ngoba uzobadinga njengoba emuva kwaleli khefu leFifa zizobe sezibheke ekhefini le-Afcon.
"Okokuqala nje, ngithanda ukubongela bonke abadlali bethu abayingxenye yeqembu lesizwe iBafana, siyaziqhenya ngabo.
"Ukuqokwa kwabo kusho ukuthi bangabanye babadlali abaseqophelweni eliphezulu kuleli lizwe. Lokhu kuchaza ukuthi ikilabhu ibanika ithuba lokuzibonakalisa, ngakho-ke njengethimba labaqeqeshi, siyaziqhenya ngabo.
"Sizobeseka ngo-1000% njengoba bedlalela izwe labo.
"Kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngibambe umoya ukuthi bonke babuye besesimweni esihle, kungabikhona ozolimala ngoba sizobadinga njengoba sifuna ukuya ekhefini le-Afcon ngegiya eliphezulu," kusho u-Ouaddou.
NGUMASINDI Nemtajela noNkosinathi Sibisi beBucs, abayingxenye yeBafana ezobhekana neZambia.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IPirates isanda kungena kowamanqamu weCarling Knockout ezowugijima neMarumo Gallants ngoMgqibelo womhla ka-6 kuZibandlela (December) eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ozonqoba lowo mdlalo uzogadulisana neCarling All Stars ngomhla ka-13 koweCarling Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Abadlali abazogijima kwiCarling All Stars baqokwa ngabalandeli ngokubavotela.
I-All Stars yiyona evikela le ndebe eyinqobe ngesizini edlule iguqisa iMagesi FC.