04 | Izindaba

Friday, 15 August 2025

Uzokwazi ngokuphela kwenyanga ngecala umsolwa kwelokubulala owesifazane ayengumphathi wakhe


Umsolwa ungene ebhokisini labasolwa ezikhululekele

Image

NGUMNU Mfanafuthi Kunene, osolwa ngokubulala owesifazane ayengumphathi wakhe.

Skhosiphi Mthembu

UZOKWAZI ekupheleni kwale nyanga ngokuqala kokuqulwa kwecala abhekene nalo owesilisa osolwa ngokubulala owesifazane ayengumphathi wakhe.
UMnu Mfanafuthi Kunene (38), uvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesine ngecala lokubulala uNkz Ayabonga Njilo.

Ubhekene namacala amathathu; elokuthumba, elokubulala nelokudukisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Lesi sigameko senzeka mhla ka-24 December ngonyaka odlule. Isidumbu sikamufi saze satholakala ngoJanuary, kulo nyaka.

ILANGA labika kabanzi ngalolu daba, lapho kwavela ukuthi umufi noKunene babeke basebenza ndawonye phambilini, wabulawa esesebenza kwenye indawo.

Image

NGUNKK Ayabonga Njilo okusolwa ukuthi wabulawa nguKunene.

Umufi wabulawa ekade emenywe ngabanye ozakwabo ephathini yokuvala unyaka endaweni yobumnandi iCappellos, eMhlanga.

Kwavela ukuthi uKunene nomufi bahlala kwaze kwaba sebusuku, (uKunene) wagcina eseqasha imoto ekhokhelwa ngebanga, ukuba ibagodukise.

Wahamba nomufi kwayiwa kubo eMaotana, eNanda, lapho okusolwa ukuthi wafike wambulalela khona, emuva kwengxabano engaziwa.
Kuthiwa wathatha isidumbu wayosilahla esitamkokweni, emuva kwalokho wasivala.

Uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela kuKunene, zabe seziyamkhalela mhla ka-4 kuJanuary walo nyaka.

Ngalo usuku aboshwa ngalo, wakhombisa amaphoyisa lapho ayesilahle khona isidumbu sika-Ayabonga.

Izolo, inkantolo ibigcwele ichichima amalungu omphakathi, efuna ukuzizwela ngaleli cala.


UKunene ungene ebhokisini labasolwa ebukeka ezikhululekele, efake izibuko zamehlo. Ummeli wakhe, uNkz Zeera Fareed, utshele inkantolo ukuthi kunezinto eziningi okusamele azidingide nekilayenti lakhe, ngaphambi kokuba kuqale icala.

Ucele ukuba lihlehliswe ukuze ezothola ithuba lokuxoxa nalo.
Ijaji libe selilihlehlisela umhla ka-28 kule nyanga, lapho kuzobe sekudingidwa ngamalungiselelo okuqala kokuqulwa kwalo, kukhishwe nosuku elizoqala ngalo.

0