20 | Ezemidlalo
Friday, 11 July 2025
NGU-EDSON Castillo osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
U-EDMILSON Castillo waseVenezuela ufunelwa ikilabhu kwiPremier Soccer League (PSL) emuva kokugqashuka kwefindo phakathi kwakhe neKaizer Chiefs.
IChiefs iseNetherlands lapho iqhuba khona amalungiselelo esizini ezayo, izobuya isizobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup ezokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo womhla ka-26.
Amathikithi alo mdlalo azodayiswa ngo-R80 eShoprite, eCheckers nase-Usave.
NGU-MONNAPULE Saleng.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UGCINE ebolekiswe kwi-Orbit College uMonnapule Saleng okuphele isizini edlule engasadlaliswa kwi-Orlando Pirates.
Kuthiwa iBucs beyifuna ukumhambisa kwiChippa United kepha wenqaba, wathi uncamela ukuyodlalela ikilabhu yangakubo eNorth West.
NGABADLALI beDowns okuvela ukuthi izogadulisana neDurban City kowobungani.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IMAMELODI Sundowns izotheleka eThekwini ukuzobhekana neDurban City emdlalweni wobungani ozokuba ngoLwesihlanu lomhla ka-25 wale nyanga, ukuzifudumezela isizini ezayo ka-2025/26.
AmaSandawana ahlela ukubamba ikhempu eRustenburg uma sekuphele ikhefu lamasonto amabili alithathe emuva kokubuya kwiFifa Club World Cup awashiswe ijezi ekuseni kuyona.
ICity izosuka kulo mdlalo ilibangise eRichards Bay ukuyodlala kwiKZN Premier's Cup ezokuba ngoMgqibelo womhla ka-26, nangeSonto mhla ka-27 kule nyanga, eMhlathuze Sports Complex.
NGU-RULANI Mokwena.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
URULANI Mokwena uyanyaniswa neMC Alger yase-Algeria emuva kokuba ehlukane neWydad Casablanca yaseMorocco.
Lo mqeqeshi phambilini ubemataniswa nePyramids yaseGibhithe eyizingqwele zeCaf Champions League.
NGU-TIM Sukazi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
KUPUTSHUKA ezithi sengathi usehehekile uTim Sukazi ongumnikazi weTS Galaxy yiqatha okuthiwa libekwe phambi kwakhe nguJohn Comitis ongumnikazi weCape Town City egencwe yizembe kwiBetway Premiership ngesizini edlule.
Kuthiwa uComitis ubeke u-R75 million ukuthola ilungelo leGalaxy lokudlala esigabeni esikhulu. IGalaxy isanda kwehlukana noKeagan Dolly, uSphiwe Mahlangu noDzenan Zajmovic waseBosnia abebengabadlali bayo.
NGU-JUNIOR Dion.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UVUMBUKE kwiLamontville Golden Arrows uJunior Dion oxoshwe ngamaZulu FC achithe abadlali ababalelwa ku-17.
USuthu lubambe ikhempu ePolokwane ukulungiselela isizini entsha.