22 | Ezemidlalo

Friday, 19 September 2025

UNene uhluleke wukuthola indondo elala isihlanu kweyomhlaba


Amathemba eNingizimu Afrika aselele emaqenjini e-relay

Image

NGUZAKITHI Nene.

Mzwamandla Zondi

UKHALE ngaphansi uZakithi Nene engena endaweni yesihlanu kowamanqamu we-400m kwiWorld Athletics Championship eqhubekayo eJapan.
UNene waKwaZulu-Natal, uqophe isikhathi esiwu-44:55.

Ingqwele ku-400m - lapho uNene abebhekwe ngabomvu khona - kube nguCollen Kebinatshipi waseBotswana, oqophe u-43:53.

UCollen uye kulo mqhudelwano evele eyimfivilithi emuva kokuqopha kwakhe u-43.61 kowandulela owamanqamu. Isikhathi salo msubathi ngesishesha kakhulu emhlabeni nonyaka.

IBotswana engomakhelwane beNingizimu Afrika, yenze kahle kakhulu njengoba bebabili abasubathi bayo abangene nabokuqala abathathu.

UBoyapo Ndori ungene isithathu ngo-44.20, elandela uzakwabo, uJereem Richards ongene isibili.

Image

NGU-AKANI Simbine.

Kushone olwangoLwesine iNingizimu Afrika ingakatholi ngisho eyodwa indondo.

U-Akani Simbine okungomunye wabasubathi abebebhekwe ngabomvu ukubuya ephethe kulo mqhudelwano, uhluleke kowamanqamu kwi-100m, engena endaweni yesi-7.

Silobe kusalindeleke ukuba kugijime uPrudence Sekgodiso (ngo-01:43), owenza i-800m noWayde van Niekerk (ngo-03:00). UVan Niekerk ophethe irekhodi lomhlaba le-400m (43.03), ubebagadulisa kwi-200m.

Kubhekwe neqembu le-relay kwi-4x100m nele-4x400m. La maqembu kulindeleke ukuba agijime ngeSonto.

 Okunika ithemba kwi-relay, wukuthi iqembu le-4x100m lenze kahle nyakenye kwi-Olympic Games, libuya nendondo, kanti ele-4x400m ligile izimanga kwiWorld Relay.

0