18 | Ezemidlalo

Friday, 28 November 2025

UMokwena usongela iSundowns 'eyamxosha kabuhlungu'


Ujatshuliswa ngabalandeli beMC Alger abayifakayo ingcindezi ezitheni
Image

NGABADLALI beDowns bejabula emuva kwegoli likaMarcelo Allende ngesikhathi beguqisa iSt Eloi Lupopo yaseDRC kowokuqala wamaqoqo eCaf Champions League.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

USONGELA ezakhe zakudala uRulani Mokwena ongumqeqeshi weMC Alger yase-Algeria ezogadulisana neMamelodi Sundowns emdlalweni kaGroup C weCaf Champions League ngoLwesihlanu ngo-21h00 e-Algeria.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bakanobhutshuzwayo kwazise iDowns ike yalolongwa isikhathi eside nguMokwena, oshiye eyinqobise iligi, lapho eyaqopha khona umlando yehlulwa emdlalweni owodwa nje vo wokusonga iligi, iguqiswa yiCape Town City.

 Yayidlala nengcwenga yebhola iSundowns ngaleyo sizini.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMokwena uhambe kungasekuhle kwiDowns, imxosha, ekubeni esanda kwelula inkontileka.

Image

NGURULANI Mokwena ongumqeqeshi weMC Alger yase-Algeria.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMokwena usongela iDowns azobhekana nayo okokuqala selokhu eyishiyile.

"Ibhola yibhola, kunesizathu sokuthi sibhekane neSundowns.

"Ngokwami, leli yithuba elihle kithina njengekilabhu ukubhekana nezitha ezidlale iFifa Club World Cup.

"Ngifuna ukusho ukuthi ngeke kube lula kwiDowns, izothwala kanzima kule nkundla yethu.

"Sinenkundla eseqophelweni eliphezulu, abalandeli bethu bayakufaka ukushisa. Sinabadlali engingangabazi ukuthi banesipiliyoni uma ubaqhathanisa nabangesizini edlule.

"Noma kanjani, iSundowns izothola umdlalo osezingeni eliyifanele, futhi lokho kangikungabazi," esho.

Image

NGU-ETIOSA Ighodaro weChiefs evinjwa ngunoznti we-Al Masry yase-Egypt, uMahmoud Hamdy koweCaf Confederation Cup.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

* KweyeCaf Confederation Cup, iKaizer Chiefs izobhekana neZamalek yase-Egypt koka-group D ngoMgqibelo ngo-15h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

* IStellenbosch FC izovakashela iSingida Black Stars yaseTanzania ngeSonto ngo-18h00, kulo leliya lizwe.

0