19 | Ezemidlalo

Friday, 13 March 2026

Image

NGUMQEQESHI weMidlands Wanderers, uVincent Myeni.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ubalisa ngokulinyalelwa yisilomo oweMidlands Wanderers


Isempini enzima yokuzama ukuvika izembe kwiMotsepe Foundation Championship

Mfanafuthi Ndlovu

UBALISA ngokulinyalelwa yisilomo somdlali umnikazi weMidlands Wanderers ezovovana inkani neGomora United koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoMgqibelo ngo-15h30 eMalamulele Stadium, eVenda.

UVincent "Masenti" Myeni ongumnikazi weWanderers, abuye abengumqeqeshi wayo, utshele ILANGA Lempelasonto ngobunzima abhekene nabo njengoba esempini yokuvika izembe kwiMFC.

Image

NGUSDUDUZO Dlamini.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthe okubancisha umoya wukulimala kukaSduduzo "Sdu" Dlamini oyisiphekepheke sale kilabhu. Lo mdlali walimala ngonyaka odlule.

"Kusimoshile kakhulu ukulimala kukaSdu kepha impilo kufanele iqhubeke. Yisikhathi esinzima lesi, lapho odinga khona bonke abadlali bakho abanesipiliyoni ukuba bakusize.

"Lo mdlalo uzovusa umbango wangesizini edlule, silwela ukunyukela kulesi sigaba emidlalweni kazwelonke yeSafa ABC Motsepe League.

"Siwadinga ephelele amaphuzu njengoba sishiyana ngamabili, okwenza ukuthi bonke abantu balwele ukuwunqoba lo mdlalo.

"Enye inkinga ekhona wukuthi kuzobakhathaza abadlali ukuhambela lo mdlalo njengoba iGomora seyisebenzisa inkundla ekude, kwazise seyizinze eVenda.

"Kuningi okufanele silwe nakho, kubalwa nesimo sezulu okufanele sizame ukusejwayela ngokushesha njengoba lishisa bhe ilanga lakuleya ndawo," esho.

Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:
NGOLWESIHLANU
EGelvandale Stadium: Highbury FC vs Cape Town City 15h30.
NGOMGQIBELO
EMxolisi Dicky: Upington City vs The Bees 15h30.
KaNyamazane: Kruger United vs Milford FC 15h30.
EGlobal Village: Baroka FC vs Hungry Lions 15h30.
EMalamulele: Gomora United vs Midlands Wanderers 15h30.
EDobsonville: Lerumo Lions vs Casric Stars 15h30.
NGESONTO
ETuks Stadium: University of Pretoria vs Venda FC 15h30.
EThohoyandou: Black Leopards vs Leicesterford City 15h30.

0