19 | Ezemidlalo

Friday, 28 November 2025

Bachitha eyokuxosha umqeqeshi abeMidlands Wanderers

Banethemba lokujika izinto ngaphambi kokuqala konyaka ozayo
Image

NGUMQEQESHI weMidlands, uVincent Myeni.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

BAYIKHAHLELA ngazo zombili abaphathi beMidlands Wanderers eyokugudluza umqeqeshi wale kilabhu ebhinjelwa yizinto kwiMotsepe Foundation Championship (MFC).

IWanderers - engomakoti kulesi sigaba - iqhathwe neLeicesterford City koweMFC ngoMgqibelo ngo-15h30 eDobsonville Stadium, eSoweto.

Iyiqale ngebatha imidlalo yeMFC ngenxa yokushiywa yinqwaba yabadlali abathathwe yiLamontville Golden Arrows, okwenze abanikazi bayo bayiqala phansi ikilabhu.

Image

NGABADLALI beLeicesterford City ebophele nabadlali abanesipiliyoni seBetway Premiership, okukhona kubo uPhathutshedzo Nange (2) noKamogelo Mahlatsi (3) bodumo kwiKazer Chiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

USthembiso Hlongwane oyisikhulu esiphezulu kwiWanderers, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi labo abafuqa umkhankaso wokuba kushenxiswe umqeqeshi, uVincent "Masenti" Myeni, kufanele bakhohlwe ngoba yinto engeke yenzeke, kwazise wenza umsebenzi omkhulu enyusela le kilabhu kwiMFC, isuka kuma-amesha.

Uthe bayasiqonda isimo ababhekene naso, inkinga kayikho kuMyeni kepha bonke abantu abayingxenye yekilabhu kufanele babhukule.

"Siyazi ukuthi yini okufanele siyilungise, hhayi eyokuhamba komqeqeshi. Sihleli eGoli kuyimanje ukulungisa ikilabhu. Umdlalo wethu neLeicesterford umqoka ngaphezu kokwenza, kwazise uzosinika isibindi sokubhekana neMilford FC ngelizayo.

"Yonke le midlalo uma singakwazi ukuqoqa amaphuzu agcwele kuyona, kungenza abadlali baqale unyaka ozayo benokuzethemba okuphindiwe."

Lesi sikhulu siphatha eleMilford nje, kubukeka ikilabhu yaso izalelwe yinja endlini njengoba (iMilford) isesicongweni se-log, okuzoba nzima ukuthola amaphuzu kuyona, kwazise ilwela ukuvula igebe emakilabhu ayihleli ezithendeni.

Kula makilabhu kubalwa iCasric Stars, iKruger United, iHungry Lions neHighbury FC.

Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:
NGOMGQIBELO
E-TUT: Gomora United vs Highbury FC 15h30.
EDobsonville: Leicesterford City vs Midlands Wanderers 15h30.
EGlobal Village: Baroka FC vs Black Leopards 15h30.
EThohoyandou: Venda FC vs Kruger United 15h30.
ESolomon Mahlangu: The Bees vs Casric Stars 15h30.
E-Absa Tuks: University of Pretoria vs Cape Town City 15h30.
NGESONTO
EMxolisi Dicky: Upington City vs Lerumo Lions 15h30.
EMhlathuze: Milford FC vs Hungry Lions 15h30.

0