Izindaba | 03
Friday, 06 June 2025
NGUSQINISEKO Mvelase waKwaMaphumulo odutshulwe ngeledlule.
Mthobisi Sithole
IYAQINA eyokusongelwa ngokubulawa kwabagqame ngomculo kamaskandi enkundleni yokuxhumana iTikTok.
Lokhu kulandela ukusocongwa kukaSqiniseko Mvelase eNigel, eGoli emqashweni wakhe, odutshulwe ngesikhathi ebukhoma (live) kuTiktok ngeledlule. Nyakenye ngoDisemba kudutshulwe kwabulawa uDubula Mbatha eshisanyama kwaSteve, eJulies, khona eGoli. UMbatha naye bekade engomunye wabantu abagqamile kule nkundla.
Ukubulawa kwabantu abalandela umaskandi abavelele kule nkundla, kuyanyaniswa nezimpi zomculo kamaskandi, ngokwabalandeli. Phakathi kwabantu abasongelwayo okukhishwe uhlu lwamagama abo, kubalwa uMax Makhanya, uMgibe Nyawo, iFraud yaseNkandla nabanye.
NGUDUBULA Mbatha odutshulwe kuZibandlela nyakenye.
Lezi zigameko zokudutshulwa kwabantu seziholele ekutheni kwande nezexwayiso ezinkundleni zokuxhumana, lapho kukhuzwa abasele ukuba bahlukane nokungcofa imisebenzi yamaciko aziphilisa ngayo.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMgibe, uthe selokhu kubulawe uDubula, kuvuleke umqondo kuyena.
Uthi useyekile ukuhlasela amaciko, nabanye abantu. Uveze ukuthi kuyamethusa ukubona igama lakhe ohlwini lwabantu "okumele babulawe".
NGUMGIBE Nyawo othi akasayingeni eyokugcofa abaculi enkundleni yokuxhumana, iTiktok.
"Kwangiphatha kabi kakhulu ukubulawa komngani wami (uDubula) ngihamba naye. Kwangifundisa isifundo. Uma kwenzeka ngigxeka umuntu, sengigxeka ngendlela eyakhayo, hhayi enenzondo.
"Selokhu kwashona umngani wami, kayikho i-video engiyenzile enamagama anenhlabathi. Ngiqonde ukuthi angithinteki, ngakho-ke anginalo uvalo ngoba ozobulala mina, kuyobe kuchaza ukuthi unenzondo yeqiniso.
"I-video yokugcina engayenza, bengidlulisa ukunganeliseki kwami ngezinkulumo ezikhulunywe ngomunye wabaculi bakamaskandi, ethi nginesandla ekufeni komngani wami. Le nkulumo yakhe ibingiqhatha nomndeni wakwaMbatha. Kusukela lapho azikho izinkulumo ezilwa nabanye abantu engizenzile," kusho uNyawo.
USqiniseko uzofihlwa ngeSonto KwaMaphumulo.