19 | Ezemidlalo
Friday, 20 June 2025
NGU-RODRI oyinjini yeMan City ebuya ekulimaleni.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weManchester City, uPep Guardiola uthi bazoqhubeka nokumbheka ngeso lokhozi umdlali wabo ohamba phambili, uRodri waseSpain, ohlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala ngesikhathi edlalela izwe lakhe.
ICity yehlule iWydad Casablanca yaseMorocco ngo-2-0 koweFifa Club World Cup ngoLwesithathu ebusuku e-United States of America (USA).
URodri ungene ngesiwombe sesibili, wadlala imizuzu ewu-30, okuyinto ayenza ngaphambi kokuba kusongwe isizini edlule ngesikhathi iCitizens yehlula iBournemouth kowe-English Premier League (EPL).
"Ngeke simjahe, sizolokhu simdlalisa kancane, kancane aze abe sesimweni esihle. Konke esikwenzayo sikwenza ngokucophelela ngoba kasifuni ukuthi aphinde alimale," esho.
NGUTHEMBINKOSI Lorch weWydad Casablanca eshiya uNico O'Reilly weMan City eshushuluza koweFifa Club World Cup.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ICity izodlala ne-Al Ain ngoMsombuluko kanti uRodri kulindeleke ukuba awuqale lo mdlalo.
Emdlalweni weCity neWydad - kubonakale uThembinkosi Lorch noCassius Mailula baseNingizimu Afrika abagijimela leya kilabhu yaseMorocco esanda kwehlukana noRulani Mokwena obengumqeqeshi wayo ngesizini edlule.
Ukubonakala kwalaba badlali kujabulise abathandi bakanobhutshuzwayo abaningi baseNingizimu Afrika emelwe yiMamelodi Sundowns kulo mqhudelwano ewuvule kahle yehlula i-Ulsan HD yaseSouth Korea ngo-1-0, ngovivi lwangoLwesithathu.
Emdlalweni olandelayo iDowns izogadulisana neBorussia Dortmund yaseGermany ngoMgqibelo ngo-18h00.