19 | Ezemidlalo

Friday, 05 September 2025

UMaboe uyofeza iphupho leminyaka kwiChiefs

Image

Uzimisele ngokunqoba izinkomishi nale kilabhu emkhulisile

NGULEBOHANG Maboe weChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UPHUMELA obala ngesizathu esenze waqoma iKaizer Chiefs ekubeni abekhona amakilabhu abemfuna uLebohang Maboe (30), odlala esiswini, oqale ukuzakhela udumo egijima kwiMaritzburg United eseyibizwa ngeDurban City.

IChiefs isanda kumemezela ukuthi ihlabane ngalo mdlali obedlala kwiMamelodi Sundowns. IDowns inqume ukungayivuseleli inkontileka yakhe ephele kusongwa isizini edlule.

Ibikade imeboleke iSuperSport United ngesizini edlule. ISuperSport ithengwe yiSiwelele FC, yafudukela eBloemfontein.
Lo mdlali kuvela ukuthi iSiwelele beyifuna ukumgcina, kodwa wanqaba.

Kuthiwa no-Eric Tinkler ubemufuna kwiSekhukhune United, kodwa naye wamchitha. Kuzokhumbuleka ukuthi uTinkler noMaboe basebenze ndawonye kwiMaritzburg ngaphambi kokuba imdayisele iDowns ngo-2018.

"IChiefs ngikhulele enkulisa yayo, ngebhadi kangizange ngikwazi ukuthola ithuba lokunyukela esikimini sayo esikhulu. Kuthe uma kuvela leli thuba, ngangacabanga kaningi, ngashona kuyona.

"Ngibone ithuba lokufeza iphupho lami lokudlala esikimini sayo esikhulu. Kuyintokozo kimina ukuphinda ngizokuba yingxenye yalesi sikhungo esikhulu kangaka. Kodwa-ke engikuzele wukuzoyisiza inqobe izinkomishi," kusho uMaboe.

Image

MABOE ujoyine iChiefs emuva kokuba iMamelodi Sundowns abesemabhukwini ayo ingayivuselelanga inkontileka yakhe..

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IChiefs iyiqale kahle isizini ka-2025/26 yeBetway Premiership njengoba ingakaze yehlulwe emidlalweni ewu-5 esiyigijimile, futhi ingakaze ingenelwe yigoli.

Ibambe isibili ngamaphuzu awu-13. Ilandela iSekhukhune, nayo enamaphuzu awu-13 namagoli amaningi.

0