03 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
NGUMCULI kamaskandi, uLimit.
Mthobisi Sithole
UGAZI selumngenise ezindaweni zobumnandi zasebusuku umculi kamaskandi, uSphesihle "Limit" Nala (26), umculo wakhe oshisa izikhotha kulezi zinsuku.
Lo mculi odabuka eNtolwane, eNkandla, usebonakala ezindaweni eziningi zobumnandi eThekwini, ezaziwa kakhulu ngokuhanjelwa ngama-slay queen neziqumama.
Phakathi kwezingoma zakhe ezithandwa kakhulu, kukhona ethi "KuLate" nethi "Fusegi". Ukuphakama kwakhe endimeni kamaskandi sekumenze wabalwa nabaculi abahamba phambili kule ndima yomculo wesintu.
Ngo-April, uhlabane ngeToyota Quantum emncintiswaneni weMother of All obusePeople's Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngesikhathi ebonga ukunqoba kwakhe kulo mncintiswano, emcimbini obusesikoleni sangakubo eNtolwane, bekukhona noMnu Jacob Zuma owayengumengameli wezwe.
ULimit ongumunye wabaculi abebemenywe ematendeni amaningi ezicukuthwane ngeledlule emcimbini wamahhashi, iHollywoodbets Durban July.
Engxoxweni yakhe naleli phephandaba nyakenye, uthe kusamthusile namanje ukumukeleka kwakhe ngokuphazima kweso emculweni, njengoba nokulalelwa komculo wakhe online kuhamba kahle kakhulu uma kuqhathaniswa nabaculi abaningi abacula umaskandi.
Kule minyaka edlule, uthe isifiso sakhe esikhulu wukusika iphethini kuKhuzani neGcokama Elisha ekuvuseni imizi yakubo.
Uthe ufisa ikhaya lakubo lishintshe kakhulu indlela ebelibukeka ngayo ngesikhathi engakaculi, nangesikhathi esengumculi owaziyo nohlomulayo ngomculo wakhe.
Phakathi kwezingqinamba azivezile wukuthi ukungena kwakhe emculweni kube wumqansa nakuba bebebaningi abantu abebethakasela ikhono lakhe, kodwa abengekho amandla okuqopha umculo
Ukuthanda kwakhe umculo kuqale esafunda isikole, kwaze kwaba uphothula umatikuletsheni ngo-2020 eMagqama High School.
I-albhamu yakhe yokuqala ethi "Dankie Son", iphume ngo-2021, yalandelwa ngethi "I-Mathematics".
Ukungenisa kwabaculi bakamaskandi kulezi zindawo zobumnandi, kwaqala ngoShwi noMtekhala ngo-2004, nge-albhamu yabo ethi "Wangisiza Baba", eyagqama ngengoma ethi "Ngafa".
mthobisis@ilanganews.co.za