19 | Ezemidlalo

Friday, 13 June 2025

Uhulumeni waseKZN weneme ngezinga leComrades


Ibalelwa ku-R600 million imali eyenzekile ngokuhlelwa kwalo mjaho


Image

Nhlanhla Hudla

UGCULISEKILE ngezinga lokuhlelwa kweComrades Marathon uNgqongqoshe wezeMidlalo waKwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula obengesinye sezicukuthwane ebezimenyiwe emcimbini wokuklomelisa abagijimi abenze kahle emjahweni wanonyaka, oqale eMgungundlovu wasongwa eThekwini ngeSonto.

Lo mcimbi bewuseLangeni Hotel ngoMsombuluko ekuseni. UKhawula ekhuluma, ubonge kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika abenze lo mjaho waba yimpumelelo.

Image

NGUNGQONGQOSHE wezeMidlalo KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula (ofake izibuko).

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

"Ngibonga kangiphezi ebantwini bakulesi sifundazwe ngendlela abakhombise ngakhona uthando kubagijimi. Njengesifundazwe, siyaziqhenya ngokuthi sinegugu elifana nalo mdlalo oshintsha impilo yabantu abaningi. Siyabonga nakuMdali ngokuthi konke kwenzeke kahle futhi kube yimpumelelo.

"Njengoba sesibheke eminyakeni eyikhulu nje yalo mjaho (ngo-2027), nathi sifisa ukuwubeka ezingeni lomhlaba. Kubagijimi abebebambe iqhaza, sibabonga kakhulu futhi sinethemba lokuthi sizoqhubeka nokunyusela lo mjaho esicongweni," esho.

Kuthiwa umjaho wanonyaka ufake umnotho olinganiselwa ku-R600 million eThekwini njengoba amahhotela abegcwele phama nezindawo zokudlela ziphithizela abagijimi nemindeni yabo abebezoyeseka.

0