21 | Ezemidlalo

Friday, 13 March 2026

Image

Umsubathi wodumo uzogijima iCape Town Marathon engahlosile ukunqoba


Unomjikelezo womhlaba lapho ezobe egijima khona imijaho eyahlukene

Mzwamandla Zondi

INKAKHA yomsubathi waseKenya, u-Eliud Kipchoge - ehlonishwa umhlaba wonke ngenxa yamagalelo ayo kwezokugijima, okubalwa kuwona ukuphatha irekhodi lo mhlaba le-marathon - imemezele ukuthi izokube iyingxenye yeSanlam Cape Town Marathon, ezokuba mhla ka-24 kuMay.

UKipchoge usanda kumemezela ukuthi uzohambela umhlaba, ebamba iqhaza emijahweni ethile (world tour), kanti umjaho athe uzoqala ngawo, yiSanlam Cape Town Marathon.

"Ngijabule ngohlelo engiluqalile i-Eliud Kipchoge World Tour osekunesikhathi eside ngiluhlela. Ngizoqala ngeCape Town Marathon, okungomunye wemijaho ehleleke kahle e-Afrika.

"Ngikhethe ukuqala ezwenikazi lami i-Afrika, ukuzisondeza kubalandeli bami abahlala bengibukela kude, nokuzogqugquzela intsha ukuba izimisele entweni eyenzayo.

"Baningi abantu abangilandelayo abahlale bengibuka kumabonakude, manje ngithe mangize kubona, abanye ngizokube ngigijima nabo. Engizokwenza kulo mjaho kuzokube kuhlukile.

"Kweminye imijaho ngisuke ngiyele ukuyonqoba, ukuyoqopha irekhodi noma ukwenza i-course record.

"KwiCape Town kuzokube kuhlukile ngoba ngiyogqugquzela abalandeli bami nokubazisa nge-Eliud Kipchoge Foundation eyakha ama-library eKenya, ibuye ifundise ngokuguquguquka kwesimo sezulu," kusho uKipchoge.

Image

Uqhube ngokuthi akukho sikhathi ahlele ukuyosenza kwiCape Town Marathon, kodwa uziqeqesha ngendlela ahlale eziqeqesha ngayo uma ezilungiselela umjaho.

Lo msubathi kusuka ngo-2013, akakaze enze isikhathi esingaphansi kuka-2:06 kwi-marathon, kanti uke waphatha irekhodi lomhlaba le-marathon ngo-2:01:09.

Uke wagijima isikhathi esiwu-1:59 kwi-marathon, esebenzisa iteku lakwa-Adidas elingavunyelwe kwezokugijima.

Ukuza kwalo msubathi olandelwa yizinkumbi zabantu emhlabeni, kulindeleke ukuba kugcwale abezindaba abaphuma emazweni ahlukene, ukuzohlangana nale nkakha yezokugijima.

ISanlam Cape Town Marathon - engabanga khona nyakenye ngenxa yesiphepho - ingenelwe ngabasubathi abawu-26 000.

0