03 | Ezikaqedisizungu
Friday, 16 January 2025
Lucky Cain
UYISIQALO semigubho yeminyaka eyishumi esemculweni umcimbi womculi we-gospel, uJumbo (osesithombeni), osezakhele igama ngokuhlabana ngezindondo ezahlukene kulo mkhakha.
UJumbo - ogama lakhe nguLwando Nyangiwe - uhlela ikhonsathi yakhe yokuqala ekulo mkhakha, ezokuba ngomhla ka-28 kuFebruary eThe Playhouse, eThekwini.
Uthi - kulo mcimbi - ulindele abantu abazifela ngezinhlobo ezahlukene zomculo.
"Nakuba ngingumculi okhipha izingoma ze-gospel, kodwa nginazo izingoma nabaculi abahlukene, bezinye izinhlobo zomculo.
"Okunye, ngingumculi otholakala kuyona yonke imicimbi, okungeyona nje eye-gospel kuphela, okwenza ngithi ngilindele abantu baphume ngobuningi ukuzongeseka kule khonsathi yami yokuqala eminyakeni eyishumi ngisemculweni," esho.
Uthi nakuba zibe khona izingqinamba ezimhlaselile kule minyaka ekulo mkhakha, kodwa akafuni ukugxila kuzona, ufisa ukugxila kokuhle akuzuzile.
"Kuningi okuhle okwenzekile engifuna kube yikhona engikuvezayo, kunokuqhakambisa okungihlukumezile," esho.
Ubalule ukwakha kabusha umuzi wakubo, nokuhlabana ngezindondo ezahlukene njengempumelelo yakhe.
"Kule minyaka ngikwazile ukukhipha ama-albhamu awu-5, futhi wonke aba nezingoma eziqokelwe iSong Of The Year kwiCrown Gospel Music Awards. Ngihlabane ngezindondo ezine zalo munxa, kanjalo nendondo yeSAMA koweBest Traditional Gospel Album.
"Ngakho ukuqhakambisa okuhle kule minyaka eyishumi, yikho engifuna ukukubeka phambili," esho.
YIQWABE Twins eseke yasebenza noJumbo.
Uthi le khonsathi iyisiqalo sezinhlelo anazo kulo nyaka, ezihambisana nalo mgubho.
"Umcimbi omkhulu uyeza phakathi nonyaka, kodwa okuningi ngizokumemezela ngosuku lwekhonsathi," esho.
Uthi ufihle induku emqubeni ngokuzobe kwenzeka kule khonsathi.
"Ngeke ngibabalule abaculi engizobe nginabo, kodwa engingakusho wukuthi iningi lalabo enginezingoma nabo, bazobe bekhona. Kodwa ngenxa yokuthi kuzobe kuwusuku lwami futhi, ngifisa nabazobe bekhona bazi ukuthi bazobungaza uJumbo nebanga aselihambile emculweni," esho.
UJumbo useke wasebenza nabaculi okubalwa kubo uTira, uKhuzani, uLungelo Hlongwane, iQwabe Twins, uShwi noBabo Ngcobo.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi amathikithi ayatholakala eWebtickets, asukela ku-R250 ajwayelekile, kuya ku-R350 awezicukuthwane.