22 | Ezemidlalo
Friday, 07 November 2025
NGU-RYAN Mphahlele ekhombi izithende abanye abasubathi.
Mzwamandla Zondi
KUZOKUBE kuyizinkani zababili phakathi kukaRyan Mphahlele noLuan Munnik abazokube bebanga isicoco sika-R20 000 kwiBoxer Super Run Joburg ngeSonto ekuseni eGoli.
Laba basubathi bazokuya kulo mjaho behambela phezulu njengoba bobabili beyizingqwele zalo mjaho ngokwehlukana.
UMphahlele unqobe umjaho waseThekwini obungenyanga edlule, kanti uMunnik wadla ubhedu emlenzeni waseTshwane okwenza babange isicoco saseGoli.
AbakwaStillwatersports - abadidiyela lo mjaho - bakuqinisekisile ukuthi bazokube bekhona bobabili laba basubathi kulo mjaho okhula ngesikhulu isivinini eNingizimu Afrika, futhi ophethe isiteki sika-R147 000 (okuyimiklomelo yomjaho wonke ngokwahlukana kwezigaba).
UMunnik ekhuluma nabezindaba, uthe umjaho ka-5km ubaluleke kakhulu njengoba udinga ube nesivinini namandla ngoba kuyasheshwa. Uthe uma ungenakho lokho, ngeke ukwazi ukumelana nawo. Uqhube ngokuthi uwubheke ngabomvu lo mjaho.
NGU-LUAN Munnik okubhekeke ukuba akhiphane amangwevu noMphahlele.
UMphahlele - odume kakhulu kwi-1500m - uthi iyolala ibonene kulo mjaho afuna ukuwunqoba kumnyama kubomvu.
"Engikubhekile wukunqoba lo mlenze waseGoli njengoba ngenzile eThekwini. Isivinini se-track enginaso ngiyacabanga ukuthi sizongisiza ukumelana noMunnik.
"Ngiyamazi njengoba ngike ngagijima naye i-track. Ungumgijimi onzima, kodwa uma efuna ukunqoba kuzofanele adlule kimina," kusho uMphahlele.
NGU-GLENROSE Xaba obhekwe ukwenza kahle kwabesifazane.
Abanye abasubathi ababhekiwe kulo mjaho nguChris Mhlanga othembise ukungena nabokuqala abathathu, nguKabelo Mulaudzi ongene isibili kuMphahlele eThekwini - ukubala nje abambalwa kwabesilisa.
Kwabesifazane kukhona uGlenrose Xaba, nguKarabo More, uKarabo Mailula abavutha bengabaselwe abaphuma esitebeleni sikaCaster Semenya, nabanye.
ULee-Ann Pillay wezokuxhumana kwaBoxer, uthe ujabule ngokuba khona kukaMphahlele noMunnik kulo mjaho. Uthe ukuba khona kwabo kuzowenza ube sezingeni eliphezulu.