09 | Izindaba
Friday, 13 June 2025
NGUNKZ Nondumiso Ntsiki nemisebenzi yakhe eyakhiwe ngobuhlalu.
ISITHOMBE NGU: MPUME SIBIYA
Mpume Sibiya
UQOME ukusebenzisa izandla zakhe ukuxosha ikati eziko uNkz Nondumiso Ntsiki (28), waseWhite City, eNanda, ngenxa yokugqoza kwamathuba emisebenzi nokuntenga komnotho eNingizimu Afrika.
Le ntokazi ezwakala ngisho ikhuluma ukuthi iphokophele kude nempilo, itshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ikhule ibuthanda ubuciko, ikakhulukazi bokudweba.
Ithi ibithola imali ngokuluka amakhanda abantu. Kuhambe isikhathi yabe isifuna okunye engakwenza.
"Ngithe uma ngizibukela ama-video kwi-Youtube, ngabona kwenziwa imisebenzi emihle yezandla. Ngibe sengigxila kakhulu kweyokwenza izikhwama ngobuhlalu. Bengilokhu ngizifundisa kancane kancane, isandla saze sajwayela ukwenza kangconywana.
"Bekuthi uma ngenze isikhwama esiyisitayela esehlukile, abantu bebesincoma, bengakholwa ukuthi senziwe yimina. Kangibange ngisabheka emuva, kwaba wukuqala kwebhizinisi lami lezikhwama, iNtsiki Creations," esho.
Uthi ibhizinisi lakhe selineminyaka emibili lisebenza. Wenza izikhwama ezinhlobonhlobo, okubalwa kuzona ezokufaka omakhalekhukhwini, ezincane zokuphathwa emicimbini, njalo njalo.
Zitholakala ngemibala eyehlukene.
"Umsebenzi wami ngiwukhangisa ezinkundleni zokuxhumana, okuyizona engithola kuzo amakhasimende. Kuyangijabulisa ukubona amakhasimende ami ethokozile ngomsebenzi engiwenzela wona," esho.
Uthi umuntu uyamenzela into ayifunayo. Uveza ukuthi kuyamsebenzela nokulalela imibono yabanye ngomsebenzi wakhe, futhi kumenza ahlale eqhamuka nezinto ezehlukile.
Le ntokazi ithe ingumuntu ohlale ematasa ngama-oda abantu, iqinisekisa nokuthi afika ngesikhathi emakhasimendeni ayo.
Iyatholakala ezinkundleni zokuxhumana, iFacebook, iTik-Tok nezinye, ngeNtsiki Creations.