21 | Ezemidlalo

Friday, 16 January 2026

OShaka basonga ukugwinya iClermont eThekwini

Image

NGU-OX Nche oyi-loosehead prop yeHollywoodbets Sharks.

Nhlanhla Hudla

BATHEMBISA ukuwola wonke amaphuzu abadlali beHollywoodbets Sharks uma sebetholana phezulu neClermont Avenue yase-France kowe-European Rugby Champions Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eHollywoodbets Kings Park, eThekwini.

Umdlali waleli qembu u-Ox Nche uthi bazokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi bayawunqoba lo mdlalo ngemuva kokungenzi kahle ngeledlule beguqiswa yi-Sale Sharks kuwo lo mqhudelwano.


Image

"Kuzomele sibhukule kulo mdlalo. Inhloso yethu yinye vo, wukuba siqoqe wonke amaphuzu ekhaya. Kuzofanele silwele ukuqala kahle ukugwema ukudlala ngaphansi kwengcindezi.

"Siyabahlonipha abantu esizodlala nabo, kodwa lokho kuzophela masifika enkundleni njengoba sifuna ukunqoba . Sisebenze kakhulu ukulungisa amaphutha esiwenzile ngeledlule," esho.

0