Izindaba | 13
Friday, 06 June 2025
Bheki Ndlovana
I-SOUTH African Revenue Service (Sars) igqugquzela abakhokhi bentela ukuba bazilungiselele njengoba kusondela isikhathi sokuthunyelwa kwemininingwane yentela kulo nyaka.
I-Sars ikhiphe isimemezelo, ithi ukuthunyelwa kwemininingwane yentela kuzovulwa ngomhla ka-7 kuJulayi, kuze kube wumhla ka-20 ku-Okthoba.
Abantu bexwayiswa ngokuba bazilungiselele manje, baqoqe yonke imininingwane edingekayo, bangalindi kuze kufike usuku lomnqamulajuqu.
Kuvamisile ukuba abanye abakhokhi bentela bahudule izinyawo, bangathumeli imininingwane ngesikhathi esifanele, kanti abanye bagcina bengayithumelanga, kuze kwedlule isikhathi. Labo abangathumeli ngesikhathi esifanele bagcina bejeziswa ngokukhokhiswa inhlawulo enzima.
I-Sars ithi abantu mabaqinisekise ukuthi imininingwane yabo yasebhange iqondile, ukuze bathole imali yabo uma kufanele iSARS ibakhokhele okuthile. Kodwa uma kungekho lutho olushintshile, kuthiwa mabangakhathazeki.
Okumele babuyiselwe imali, iSars yethembisa ukuthi leyo nkokhelo ingatholakala esikhathini esingamahora awu-72. Abakweleta iSars kuthiwa kumele basebenzise imininingwane yasebhange yakwaSars, ukufaka imali abayikweletayo.
Kunengxenye yabakhokhi bentela iminininingwane yabo yentela ehlolwa yikhompyutha (auto assessment). Labo bakhokhi bentela akudingeki ukuba bazixake ngokuthumela imininingwane yabo, ngaphandle uma kukhona abafisa ukukulungisa.
Ngokusho kweSars, labo bakhokhi bentela imininingwane yabo ezohlolwa yikhompyutha, bazothola izazizo kusukela ngomhla ka-7 kuya kumhla ka-20 kuwona uJulayi. Abakhokhi bentela abangafakwanga kwi-auto assessment, okudingeka ukuba bathumele imininingwane yabo, kubikwa ukuthi bangayithumela kusukela ngomhla ka-21 kuwona uJulayi.
Okunye okuphinde kwacaciswa yiSars, wukuthi asikho isidingo sokuba abantu bathuthelane emahhovisi akhona kwaSars. Ithi uma kudingeka ukuba umuntu aye emahhovisi, kumele aqale ebhukhe, ukuze kugwenywe olayini abade.