20 | Ezemidlalo

Friday, 23 January 2026

Image

OShaka bayabazi ubuthaka beStormers

Kuzosiphuka izidindi emdlalweni we-United Rugby Championship, eKapa 

Nhlanhla Hudla

BATHEMBISA ukulwa ngakho konke abanakho abadlali beHollywoodbets Sharks uma sebevovana inkani neStormers yaseWestern Cape kowe-United Rugby Championship ngoMgqibelo ngo-19h30 eDHL Stadium, eCape Town.

Ngokusho kukaBongi Mbonambi ongumdlali woShaka, owathengwa kuzona izitha, bayazi ukuthi bazobhekana nenselelo enzima yokuvimba iStormers eshaya kwasani oluphambi kwayo kulezi zinsuku.

Image

NGUBONGI Mbonambi oyiHooker yeSharks namaBhokobhoko.

"Sonke siyazi ukuthi sizodlala nabantu abasefomini enhle kakhulu. Sesibafundile, sabona la abayingozi khona nala bebuthaka khona. Basebenzisa amandla, futhi bayashesha, okwenza kube nzima ukumelana nabo.

"Sizoya kulo mdlalo sifuna ukubamangaza, yingakho sikhethe ukuwadlalela esifubeni amakhadi ethu mayelana nale midlalo emibili esizoyidlala nabo amasonto elandalena.

Image

NJENGOKWEJWAYELEKILE kubhekwe ukuba ushube umdlalo weHollywoodbets Sharks neStormers kule mpelasonto.

"Emuva kwalo mdlalo, bazoza eThekwini sizobhekana, okuyinto engelula ukubhekana nabantu ababodwa amasonto elandelana. Sizoya emidlalweni ngenhloso yokunqoba ngoba yinto esiyidinga kakhulu kulo mqhudelwano," esho.

0