06 | Izindaba

Friday, 01 May 2026

Inxusa lasendlunkulu liphumele obala ngokweseka iMarch and March

"Kungani-ke uhulumeni wethu uvumela abantu abangenawo ngisho amaphepha ukuthi bahlale ezweni lethu?"

Image

Thokozani Ndlovu

INXUSA laseNdlunkulu uMalusi Zondi liphumele obala ngokweseka umkhankaso iMarch and March, okuhloswe ngawo ukuxosha abaqhamuka emazweni angaphandle abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba seNingizimu Afrika.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto esehhotela eZinkwazi, KwaDukuza, lapho Ukhozi FM lusakazela khona kulezi zinsuku njengoba lunengqungquthela, uZondi uthe uyaweseka lo mkhankaso kodwa akahambisani nokushaywa kwabantu. Uveze ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika usubeka phambili abokufika, kanti nezinga lokungasebenzi kwabantu liphezulu.

“Mina nje engike ngiye emazweni angaphandle, umthetho wakhona uqinile ngokungena nokuhlala kuwona futhi awagudluki kuwona. Uma ufike kwamanye amazwe, unezinsuku okalelwe zona ukuthi uzozihlala, azeqi. Uma utholakala usengaphakathi ezweni sekudlule izinsuku othe uzozihlala, uhlawuliswa kanzima.

Image

YINXUSA laseNdlunkulu uMalusi Zondi.
ISITHOMBE NGU: THOKOZANI NDLOVU

"Kungani-ke uhulumeni wethu uvumela abantu abangenawo ngisho amaphepha ukuthi bahlale ezweni lethu? Engikushoyo wukuthi akungasetshenziswa indluzula, kodwa umuntu ongenamaphepha makaphindiselwe ngakubo, kusale abantu abangene ngokomthetho,” kusho uZondi.

Uphinde wathinta nendaba yokulahleka kwemisebenzi njengoba kukhona izinkampani ezivalwayo, athe nalokho ukubheke ngeso lokhozi.

Image

YISILO uMisuzulu kaZwelithini neNxusa laseNdlunkulu, uMalusi Zondi.

“Njengamanje sigade indaba yeTongaat Hullets ebizama ukuqeda imisebenzi yabantu ngokuvala le nkampani. Silusukumele udaba lwakhona futhi sizokwenza isiqiniseko ukuthi akekho umuntu oxoshwayo. Asigcinile ngayo kuphela, zikhona nezinye izinkampani esizigadile ukuthi zingadlali ngabantu.

"Umsebenzi engiwunikwe yiSilo samaBandla wukuqinisekisa ukuthi abantu baso abahlupheki futhi amathuba omsebenzi ayavuleka. Indlela engisebenza ngayo ngifuna zonke izinkampani zishaywe wuvalo uma ngiqhamuka ngoba ngizobe ngizolwela amalungelo ezisebenzi,” usho kanje.

0