20 | Ezemidlalo

Friday, 24 July 2026

'ILiverpool idinga ukusayinisa abadlali kunokuxosha'

Image

UMQEQESHI omusha uthi ukuhamba kukaMoh Salah (osesithombeni) kushiye imbobo kule kilabhu.


UMQEQESHI omusha weLiverpool uthi ubukeka umkhulu umsebenzi omhlalele njengoba ezakhe zimatasa namalungiselelo okuqala kwesizini entsha ye-English Premier League (EPL).

U-Andoni Iraola uqashwe njengomqeqeshi omusha weLiverpool ngemuva kokuba ikhombe indlela u-Arne Slot. U-Iraola uthi kunezindawo okucacayo ukuthi zisadinga ukuqiniswa.

Image

NGUMQEQESHI omusha weLiverpool u-Andoni Iraola.

"Njengamanje kunzima ukusho ukuthi sizodinga abadlali abangaki kodwa ezinhlangothini khona sizodinga ukuqinisa, kwazise kuhambe uMoh Salah obengumgogodla wale kilabhu. Into okufanele sicabange ngayo thina manje wukusayinisa, kunokuxosha.

"Inkinga enkulu wukuthi sisenabadlali abaningi abalimele, engihlalele ethembeni lokuthi kuzoqala imidlalo sebeluleme. Sizobona ukuthi isimo sihamba kanjani njengoba amalungiselelo esaqhubeka," esho.

0