17 | Ezemidlalo

Friday, 24 July 2026

Image

USENGUMDLALI weziMpofana ngokugcwele uKhanyisa Mayo.

IChiefs izogijima oweToyota Cup seyihlome nxa zonke

Kuthiwa ingase isayinise noJonah Fabisch osanda kutheleka kuleli, obegijima eGermany


Senzo Sokhela

IKAIZER Chiefs izogijima umdlalo weToyota Cup seyihlome nxa zonke njengoba isiphinde yaveza ukuthi isisayinise esinye futhi isibabuli somdlali.
IChiefs izobhekana neScottland FC yaseZimbabwe koweToyota Cup ngeSonto ngo-15h00 eRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenburg. IChiefs iya kulo mdlalo nje, imemezele ukuthi isimthengile uKhanyisa Mayo (26) ongumgadli obesemabhukwini eCR Belouizdad yase-Algeria.

Kuzokhumbuleka ukuthi ibikade imeboleke kule kilabhu ngesizini eyedlule. IChiefs yethula uMayo nje, isanda kumemezela u-Adolf Mtasingwa Bitegeko (27) waseTanzania odlala esiswini emthole kwi-Azam yakhona kuleliya lizwe.

Image

YISITOBHA esisha seKaizer Chiefs uThabo Moloisane (kwesokudla) nesikhulu sale kilabhu uKaizer Motaung Junior.

Kuthiwa ingase isayinise noJonah Fabisch (24) owazalelwa eKenya, kodwa odlalela iqembu lesizwe laseZimbabwe. Lo mdlali olihlikihla esiswini, kuthiwa useNingizimu Afrika kulezi zinsuku. Ubedlala eGermany kwi-Erzgebirge egijima esigabeni sesithathu. Uyise nguReinhard Fabisch waseGermany owake waqeqesha iMamelodi Sundowns.

UJonah waqoma ukudlalela iZimbabwe – lapho kudabuka khona unina – yize ayengakwazi nokugijimela iGermany kumbe iKenya. Uyise wamthola ngesikhathi elolonga iHarambee Stars yaseKenya.

Image

NGUMDLALI omusha weKaizer Chiefs u-Adolf Mtasingwa Bitegeko (27) odabuka eTanzania.

"UMayo usebenze kanzima ngesikhathi simebolekile, manje useyingxenye yekilabhu ngokugcwele. Sikholwa wukuthi uzokuba wusizo kakhulu ekilabhini, ikakhulukazi emidlalweni yasekhaya neyeCaf. Ukuba ngumdlali wethu ngokugcwele kwenza siqine phambili. Siyamamukela uMayo kumaKhosi," kusho isitatimende esithunyelwe yiChiefs.

Lo mdlalo weToyota Cup bawulangazelele abalandeli beChiefs njengoba bezothola ithuba lokubona abanye babadlali abasha bukhoma. Abanye abadlali abasayiniswe yiChiefs kungabalwa uThabo Moloisane obekwiStellenbosch FC, nonozinti uRenaldo Leaner obekwiSekhukhune United.

0