Ezemidlalo | 21

Friday, 23 May 2025


NGU-DEON Hotto ophelelwa yinkontileka kwiBucs, kanti kunamakilabhu angaphandle amfunayo.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Image

IPirates ezinhlelweni zokugcina uHotto


Uphelelwa yinkontileka uma kuphela uJune


Senzo Sokhela

I-ORLANDO Pirates isinqumile ngekusasa likaDeon Hotto (34) odabuka eNamibia, odlala emuva, njengoba ephelelwa yinkontileka nale kilabhu uma kusongwa le sizini.

IBucs izogadulisana namaZulu FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi iBucs isinqume ukuyelula inkontileka kaHotto ephela ekusongweni kukaJune.

UHotto ujoyine iBucs ngo-2020 esuka kwiBidvest Wits engasekho. Selokhu efikile, ungumdlali omqoka kule kilabhu. Kuthiwa iBucs inqumile ngaye, izomugcina.

Umthombo waleli phephandaba uthe: "IPirates isinqumile ngoHotto, izomugcina, ifuna ukumunika inkontileka yeminyaka emibili. Engingakuqinisekisa wukuthi izingxoxo ibingakaziqali naye.

"Into ephazamisile wukuhamba kukaJose Riveiro (obengumqeqeshi weBucs)  njengoba imatasa nohlelo lokuqoka umqeqeshi omusha. Kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi yena izokwelulwa inkontileka yakhe.

 "Kunamakilabhu angaphandle kwakuleli  amfunayo, kodwa ulinde iPirates ukuba ikhulume bese enquma ngekusasa lakhe."

Image

NGU-IRVIN Khoza ongusihlalo wePirates.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Imizamo yokuthola uSihlalo weBucs, u-Irvin "Iron Duke" Khoza ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

0