11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 06 February 2026

Hhola Mntwana

Image

AWU sukanini madoda! Umuntu othi akafune lutho oluzomhlanganisa neNigeria, ngithi nje kuwe ntombi, lowo muntu uzikhulumela yena yedwa, thina bothina kasingene lapho. Le ntokazi ngu-Adeyanju Adeleke, waseNigeria, iyi-model.

Image

Ibala lakho ntombi licolisisa umoya wami, kwavele kwathi mangigiye ngiyobuya eLagos. Kangisayiphathi eyala mehlo akho, esengiwezwa engidonsela kuwena, like a black whole devouring matter! 

Image

SENGIZWA ngivukwa nayilukuluku, sekuthi mangifune izinombolo zakho zocingo, ukuze ungahlupheki uma ufuna umuntu ozokubhucunga, njalo uma ulapho kwi-shower.

Image

MANGINGABE ngisageqa amagula ntombi. Mangithi nje, iyohlangana esikhaleni e-Abuja, kuyochithek' ubheseni weJollof rice, ngifikile namagama amnandi, akukitaza inhliziyo.

0